IMOROKA Swallows, esenkingeni yemali, kuvela ukuthi isayinise kabusha unozinti, uDaniel Akpeyi, maqede yamenyusela umholo.
Ohlwini lwabadlali okuvele ukuthi baxoshwe yiSwallows, igama lika-Akpeyi beliseqhulwini.
Indaba iqale nyakenye abadlali bethatha isinqumo sokuteleka, befuna ukuholelwa imali kaDisemba.
Lesi simo siholele ekutheni bangalubhadi emdlalweni weMamelodi Sundowns nakoweLamontville Golden Arrows.
IPremier Soccer League (PSL) ihlawulise iSwallows isigidi samarandi okulengiswe kuso u-R600 000 izinyanga eziwu-24.
Iphinde yayiphuca amaphuzu yawanikeza izimbangi eziphinde zagixabezwa nangamagoli amathathu iqembu ngalinye.
ISwallows ibamba esayo isithangami sokuqulwa kwamacala nabadlali abangazange balubhade emsebenzini.
Ngokomthombo weSolezwe, igama lika-Akpeyi, ozakhele igama kwiKaizer Chiefs, izikhulu bezilifake ngephutha ohlwini lwabaxoshiwe.
Nakuba ozakwabo bebegodle amandla, kuthiwa yena ubejika ejimini nabanye kuhlanganisa nomqeqeshi, uSteve Komphela. Umthombo uqhube wathi ngesikhathi kuvela ukuthi uxoshiwe, u-Ernst Middendorp, ocija iCape Town Spurs, ubefuna ukumsayinisa. Kuthiwa uvinjwe ukuthi maphakathi nezingxoxo iSwallows ifonele lo nozinti imazisa ukuthi imxoshe ngephutha, isamdinga.
"Ezinye zezimfuno zika-Akpeyi kube ukuthi anyuselwe umholo ngemali vele obese kuphele isikhathi eside eyifuna. Kuhambe njengokufisa kwakhe njengoba ekuqaleni kwesonto esayine inkontileka enezimfuno zakhe," kubeka umthombo.
UMinenhle Mkhize, ophethe izindaba zalo nozinti, ukuqinisekisile ukuthi usayine kabusha.
"Ngeke ngikwazi ukuphawula mayelana nendaba yomholo wakhe. Inkontileka ka-Akpeyi iphakathi kwakhe neSwallows. Asikuhloniphe lokho", kusho yena.
Ngesonto eledlule leli phephandaba libikile ukuthi iSwallows ishela esithe abanye babadlali ebaxoshile.
NeSouth African Football Players Union (Safpu) ikuqinisekisile lokhu. Ithe iyazi ukuthi izikhulu zaleli qembu zenza lokhu ngoba zifuna ukunciphisa imiholo yabadlali.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi akuyena yedwa u-Akpeyi okuthiwe chatha kuye.
"Le nto eyenziwa yiSwallows izophinda ilixove iqembu. Kunyuselwa imali abadlali abayizethenjwa bese kwehliselwe labo abathathwa njengabangabalulekile kangako,“ kusho umthombo.
Isolezwe lingakuqinisekisa ukuthi uTlakusani Mthethwa, odlala esiswini, nonozinti, uBuhle Thompson, bangabanye ababiziwe ukuzosayina kabusha.
Omunye umthombo uveze ukuthi banqabile ukusayina ngenxa yokwehliselwa imiholo, bacele ukuyozihlaziya kahle lezi zinkontileka. Leli sonto liphinde laqala ngemibiko ethi u-Andile Jali, ebelingekho igama lakhe kwabaxoshiwe, usekhonjwe indlela.
Lokhu kuqinisekiswe nguMike Makaab, oyimenenja yakhe, ngesikhathi ekhuluma kwiGagasi FM ngoLwesibili. Uthe bazolulwa lolu daba
" U-Andile ungomunye waxoshwe yiSwallows. Sisakhulumisana neSwallows ngoba ubengekho esitelekeni. Ubengayi ejimini ngoba ubelimele," ucashunwe esho kanje uMakaab.