ULINDELE ukuthi iqembu lakhe liqhubeke nomgqigqo wokunqoba umqeqeshi weMidlands Wanderers, uVincent Myeni, ngemuva kokuthi likhale lemuka neZLM Project Cup imidlalo yayo esongwe ngempelasonto edlule, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Lo mqhudelwano wamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwi-Safa ABC Motsepe League ubuqala ukubakhona.
IWanderers ihlule uMvoti ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi zishayane zaze zabukana enkundleni kuba ngu 1-1.
UMvoti unqobe ngo 2-1 uhlula iNjampela kowandulela owamanqamu, kwathi iMidlands yaguqisa iSummerfield Dynamos ngo 1-0.
Imidlalo ibishubile futhi okubuye kwagqama wukuthi abathandi bebhola likanobhutshuzwayo abaphoxanga njengoba bebephume ngobuningi babo bezokweseka la maqembu.
“Indlela esenza ngayo yinhle kakhulu njengoba sibheke kwiligi. Noma iliphi iqembu uma lizodlala nathi liyazi ukuthi kuzoba wumqansa. Kuhle ukuwina umncintiswano onjengalona ngoba uyabagqugquzela futhi ubanika ukuzethemba abadlali emidlalweni yeligi,” kuqhuba uMyeni.
Lo mqeqeshi ubuye wathi kuhle ukuthi ukunikeza kwabo abadlali ithuba lokuveza ikhono sekuphelezelwa yinkomishi.
“Sibheka umfana onekhono, simunike ithuba nokumqeqesha okufanele ukuze afike ezingeni eliphezulu. Ukunqoba lo mncintiswano kuyinto enhle kuthina kodwa esisuke sikubheke kakhulu ukuthuthukisa abadlali,” kusho uMyeni.
Emidlalweni yeligi iWanderers ihleli endaweni yesine kwi-log kaStream A ngamaphuzu awu-22 emidlalweni ewu-15.
U-Ayanda Dlamini oqeqesha uMvoti uthe ubumuhle umqhudelwano futhi kukhona abakufundile kuwona.
“Sizothatha lokhu okuhle esikubonile ebafaneni bethu kusukela lo mncintiswano uqala. Bazimiselile kakhulu batshengisa isipiliyoni abanaso ngoba sinabadlali abasezingeni eliphezulu. Uma sibuyela emidlalweni yeligi kufanele sithathe lo mgqigqo ebesidlala ngawo kulo mcintiswano, ngicabanga ukuthi lokho kuzokwenza omkhulu umehluko,” kusho uDlamini. UMvoti kwiligi nawo ubambe indawo yesine kuStream B ngamaphuzu awu-25 emidlalweni ewu-15.
IMidlands ihambe nesamba sika R100 000 ngokuwina inkomishi, uMvoti wathola u-R50 000 ngokulala isibili. ISummerfield ihlomule ngo-R20 000 ngokulala isithathu kwathi iNjampela yahamba no-R10 000 ngokulala indawo yesine.
Kuklonyeliswe nabadlali abavelele kuwo lo mncintiswano. UTebogo Mashego woMvoti ube ngumdlali omncane ovelele kwathi uThobani Mthembu woMvoti waba umgadli ovelele ngokushaya amagoli ayisithupha. Unozinti weMidlands uMpendulo Dlamini uhlabane ngowokuba unozinti ovelele, kwathi umqeqeshi weMidlands uVincent Myeni wahamba nowokuba umqeqeshi ovelele.