UTHABO September, ongumqeqeshi weChippa United, ufuna usihlalo waleli qembu, uSiviwe “Chippa’’ Mpengesi, ayofongqa isigqoko kowe-Orlando Pirates mayelana nomdlali wasesiswini, uGoodman Mosele, abamboleke kweZimnyama.
Ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, iChilli Boys iboleke uMosele obelizwa ngendaba ijezi kwiPirates. Enkabeni yenkundla ubebanga ijezi nabadlali okukhona kubona uMiguel Timm noThabang Monare. Ufike kuleli qembu laseBhayi wabuyela ebholeni elimakhele udumo esayibamba kwiBaroka esidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ukushaya into ecokeme kukaMosele kumakhele ugazi kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, emuva kwesikhathi emzibile kulandela ukungezi ekhempini yeqembu lesizwe ngo-2021. Le njini iseqenjini leBafana eliyodlala imidlalo emibili yobungani e-Algeria.
USeptember uthe kufanele nakanjani uMpengesi ayoguqa kusihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ngoba bayamdinga eqenjini uMosele.
“UMosele simboleke kwiPirates ngokwesivumelwano sonyaka. Okwamanje azikho izingxoxo engizaziyo eziqhubekayo phakathi kukasihlalo wethu nePirates. UMosele ungumdlali osezingeni eliphezulu. Kufanele nakanjani sizame ngakho konke ukumgcina ngokuphelele eqenjini lethu. Kumele usihlalo wethu ayocela kwiPirates ngoba siyamdimnga eqenjini. Kodwa ke siyazi ukuthi konke kulele kwiPirates ngoba ngumdlali wayo. Uma likhona ithuba lokumthola ngokugcwele, kufanele silisebenzise,” kusho uSeptember.
Kule sizini, uMosele usedlale imidlalo engu-17 yeligi kwiChilli Boys, wayishayela inethi kanye. Isikhulu seChippa, uWanda Mbenguzana, sithe nguMpengesi ngqo ophethe udaba lukaMosele.
“Akukho engingakusho ngodaba lukaMosele okwamanje ngoba usihlalo uyena olusingethe. Luphakathi kwakhe nosihlalo wePirates. Siyakwazi thina esikufisayo kodwa konke kuncike kusihlalo nePirates, kusho uMbenguzana.
USeptember uqeqesha iChippa ngokubambisana noKwanele Kopo owayengumqeqeshi wakhe kwiSuperSport United eminyakeni edlule. Bafake leli qembu kuma-quarterfinal eNedbank Cup lapho bezoqhuthana khona neTS Galaxy. IChilli Boys ifinyelele kulesi sigaba emuva kokukhipha iRavens FC kowe-Last 16.
“Alikho iqembu elilula uma kufikwa kuma-quarterfinal. Kufanele sikhiphe wonke amandla esinawo singabaqeqeshi nabadlali senze okusemandleni ukuze iqembu lidlulele emzuliswaneni olandelayo. Sijabule ngokuthi sikuma-quaterfinal futhi sinethemba lokuthi sizokwenza kahle koweGalaxy,” kusho uSeptember.
Amanye amaqembu akuma-quaterfinal yiPirates, AmaZulu, Mamelodi Sundowns, AmaTuks, Stellenbosch neSuperSport United.