UMGADLI weRichards Bay FC, uYanela Mbuthuma, uthi ukubangwa ngamaqembu eDStv Premiership emqhudelwaneni webhola lama-amesha yinto engandele bani, okuyikho okuholele ekutheni alibambe ngezandla zombili ithuba lokudlala esigabeni sePremiership.
UMbuthuma (20), odabuka esigodini saKwaMbuthuma, eHarding, emuva kokwenza ezibukwayo emqhudelwaneni webhola, iKhabba Cup, owawudlalelwa eSJ Smith eThekwini, ngoJuni nonyaka, wazithola esebangwa ngamaqembu ePremiership, iLamontville Golden Arrows neRichards Bay.
Kulo mqhudelwano owawuhlelwe yinkakha yeKaizer Chiefs naMaZulu, uManqoba Mkhize, uMbuthuma wayepikwe yiBizana FC, yize wayesemabhukwini eThohoyandou FC edlala kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League.
Sekuyindaba endala ukuthi iRichards Bay yilona qembu elagcina liphumelele ukugixabeza lo mdlali inkontileka yebhola elikhokhelayo ngaphambi kokuqala kwale sizini.
UMbuthuma oseqalile ukukhombisa izimpawu zokuba ngumgadli othembisayo usedlale imidlalo engu-10, okubalwa emibili asayiqalile neyisishiyagalombili esuka ebhentshini, washaya igoli elilodwa.
“Kusukela ebuncaneni bami ibhola kwakuvele kuyinto yami, kangangokuthi ngangize ngicele nakubazali ukulova esontweni uma iqembu lami lidlala ngeSonto ngenxa yokuthi ngangiyisethenjwa eqenjini.
“Ngakho-ke ukubonwa kwami ngamaqembu ePSL kwiKhabba Cup kwaba yinto enkulu kimi ngoba akubona bonke abadlali abathola ithuba lokubonwa ngamaqembu ePSL emiqhudelwaneni yebhola lama-amesha, bagcine ngokusayiniswa.
Kwafezeka iphupho leminyaka kimi, njengoba ngangivele ngikhule nginephupho lokudlala kwiPSL.”
UMbuthuma uvezele leli phephandaba ukuthi wake waba yingxenye yesikhungo sebhola sabadlai abasakhula, iKZN Football Academy, kodwa wagcina eshiya kuso ngenxa yokuxinwa wukugula okungaqondakali.
Wabe esedlalela iLanga United yaseLamontville, edlala kwi Regional League, ngaphambi kokwedlulela kwiThohoyandou United yaseBizana, edlala kwi-Eastern Cape Motsepe League.
Uqhuba uthi ukushaya kwakhe igoli lokuqala esigabeni seDStv Premiership, okwaba yigoli lokunqoba ezakhe ziguqisa iSekhukhune United ngo 1-0 kowePremiership ngo-Agasti 13, kwamkhuthaza.
“Ukushaya kwami igoli lokuqala kwiPSL kuloya mdlalo, kuseyinto engisekude ukuyilibala. Yize ngingakalishayi elinye igoli kuze kube manje, kodwa ngizimisele ngokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela ngiphinde ngithole amanye amagoli azosiza iqembu lami.
Ngifunda lukhulu kubadlali abanjengoLuvuyo Memela, okungabadlali ebengibabuka kwiTV, kodwa manje esengidlala nabo eqenjini elilodwa.
Singabadlali beBay silwela ukungasuki emaqenjini aphezulu kwi-log, asilweli ukuba kwiTop 8, kodwa silwela ukuqhubeka nokubalwa namaqembu aphezulu.”
IRich Boyz, okuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba ihlezi endaweni yesibili kwi-log yePremiership ngemuva kweMamelodi Sundowns, ibuyela ensimini ngokutholana phezulu neSwallows FC, koweDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium eMlaza, kusasa ngo-3.30 ntambama.