Stade d’Abidjan (0) 1
Orlando Pirates (1) 1
Idedele amaphuzu amabili ekuhambeni i-Orlando Pirates ibanjwa yiqembu lase-Ivory Coast, iStade d’Abidjan, ngo 1-1 emdlalweni kaGroup C eStade Félix Houphouet-Boigny, e-Abidjan, ngoMgqibelo ebusuku.
EZimnyama zihambe phambili ngephenathi ebekwe enethini u-Evidence Makgopa ekupheleni kwesiwombe sokuqala, i-Abidjan yaphendula ngegoli lika-Ousmaine Meite ngasekuqaleni kwesesibili.
Iqembu likaJose Riveiro liwuphathe zibekwa umdlalo, lizifaka ingcindezi izitobha ze-Abidjan.
UMakhehleni Makhaula udlubulundele wangena ebhokisini ngomzuzu wesikhombisa, kodwa ibhola walibhekisa eceleni. Wenze okufanayo noRelebohile Mofokeng ngoka-14.
UDeon Hotto ubengena ngaphakathi eqhamuka ngakwesokudla kodwa amashodi akhe amabili aphume phezu kwepali.
Kuthe sekubonakala sengathi kuzoyiwa ekhefini zibambene ezikaMagebhula zathola emuva kokuthelwa phansi uMofokeng.
UMakgopa akalenzanga iphutha, walinamathisela enethini eselahlekile unozinti weqembu lase-Abidjan, uDrissa Bamba.
Iqembu lasekhaya libuye ngomfutho ophezulu esiwombeni sesibili, lasheshe lalithola igoli lokulinganisa elingqofelwe phakathi nguMeite kulandela i-freekick ethunyelwe ebhokisini.
UMakgopa bekumele abuyisele iqembu lakhe phambili ngomzuzu ka-57. Usebenzise amandla washiya isitobha se-Abidjan silele phansi ngakwesonxele kodwa kwasebenza uBamba ovimbe ibhola ngomlenze.
EZimnyama ziqhubekile nokucindezela zifuna igoli lokunqoba, kwangalunga. Zicishe zawashiya wonke amaphuzu sekusele amanenjana umdlalo uphele, nokho uMeite uhlulekile ukulibeka phakathi ngekhanda okwesibili.
IPirates isiqhwakele kuGroup C ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu, kanti i-Abidjan isasemsileni ngelilodwa.
I-Al Ahly yase-Egypt isendaweni yesibili ngamaphuzu amane emidlalweni emibili, iCR Belouizdad yase-Algeria ikweyesithathu ngamaphuzu amathathu emuva kwemibili.
La maqembu awawudlalanga oweChampions League kule mpelasonto ngenxa yokuthi i-Al Ahly imatasa koweFifa Intercontinental Cup lapho ibhekene khona neqembu laseMexico, iCF Pachuca.
EZimnyama zizoba nekhefu elifushane ngaphambi kolandelayo weBetway Premiership ezizowudlala neMarumo Gallants ngoDisemba 24.
Kolandelayo weChampions League, zizophinde zidudulane neStade d’Abidjan e-Orlando Stadium ngoJanuwari 3.