I-SOUTH African Football Players Union (Safpu), ifuna kuqalwe umbuthano, iSoccer Indaba, ozolwa namanyundululu enziwa kubadlali ngabanikazi bamaqembu ePremier Soccer League (PSL).
Le nyunyana iqhamuke nalesi siphakamiso esithangamini nabezindaba ebichaza kuso ngekubize ngokuxoshwa ngokungekho emthethweni kwabadlali abawu-22 beMoroka Swallows. Umengameli wayo, uThulaganyo Gaoshubelwe, nonobhala jikelele, uNhlanhla Tshabalala, baveze ukuthi sekungathi kusemthethweni ukungahlonishwa nokugcinwa kwezinkontileka zabadlali bePSL.
UTshabalala uveze ukuthi sekuphele isikhathi becela iPSL ukuthi ingenelele. Ubuze ukuthi uma kungasukunywa, amanye amaqembu azovinjwa yini ukwenza eseSwallows? Laba bobabili baneke amanye amanyundululu enziwa kubadlali.
Kokunye abathe kumele kubhungwe kule mbizo, yindlela yokuhlunga abantu okumele bathenge amaqembu kwiPSL. UTshabalala uthe kuhlukumeza abadlali ukuvunyelwa kwanoma unani ukuba neqembu.
Uphakamise nokuthi kumele kubhekwe indlela abaqhubeka nokwenza ngayo imali. Wathi Kumele kube ngabantu abangathembeli kuphela kwisibonelelo sanyangazonke.
"Kule Soccer Indaba kumelwe kusungulwe umthetho ozoqapha indlela okujeziswa ngayo abadlali ngokwehlukana kwamacala. Sike sabhekana necala lapho elinye iqembu le DStv Premiship belihlawulisa abadlali uR10 000 kuya kuR15 000 uma bethole ikhadi noma bedlale ngamakhokho abaphathi abakholelwa ekutheni abengekho esimweni. Lo mthetho ukusiphi isigaba kusomqulu wePSL?“ kubuza uTshabalala.
Uqhube wathi, kwesinye isikhathi, amaqembu anqaba ukunika abadlali izinkontileka ngemuva kokusayina.
"Kanti yini eyimfihlo kule nkontileka. Angithi umdlali kumele ahlale ezikhumbuza ngayo ngokulindeleke kuye. Lo mkhuba wenza umsebenzi wethu ube lukhuni. Uthola ukuthi umdlali uza kithina ngenxa yokuthi sekuphele isikhathi engaholi. Kumele siqale sicele inkontileka kwiPSL. Ithi ifika kube sekuphele izinyanga ezine kuya kwezinhlanu lo mdlali engaholi. Kumele siphinde sihambise kulelo qembu incwadi yezimfuno. Kuyothi uma liphendula siphinde udaba siludlulisele kwiPSL DRC. Kucishe kuphele unyaka umdlali elinde ubulungiswa".
Kwelinye icala uthe basanda ukusiza u-Aubrey Mngoma owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns, ukusho amaqembu ambalwa. Kumanje akanaqembu.
Belimayelana namaqembu amathathu abengayidonsi imali ye-Unemployed Insurance Funds (UIF). Kodwa kuma-pay slip bekuhlale kubhalwa ukuthi iyabanjwa. UTshabalala uthe lo mdlali ugcine ethole amasenti. Uthe elinye lawo elikaWandisile Letlabika weSwallows ogcine ezikhokhela izindleko zokuhlinzwa ekubeni elimale edlalela leli qembu.