ISIKHULU sePremier Soccer League (PSL) esibhekene ngqo nokuphasisa izinkundla okudlalelwa kuzona, uRonnie Schloss, sikhuza abaqeqeshi ngomkhuba ongase udale ungabazane ngaphambi kokuqala kwesizini ye-Betway Premiership ngoSepthemba 14.
Kusukela kuqale imidlalo yama-quarter-final e-MTN 8 iseqhulwini indaba yokuba sesimweni esingagculisi kwezinkundla okugqanyiswe umqeqeshi we-TS Galaxy, u-Sead Ramovic.
URamovic ukhwele wadilika kwiPSL eyisola ngokubadlalisa neStellenbosch FC eDanie Craven Stadium, ayifanise nexhaphozi lokubhukuda kumbe idiphu lezinkomo.
Ngisho umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, ewunqobile umdlalo kodwa uvumile ukuthi inkundla ibingekho esimweni esivumela ukuthi kungadlalwa unobhutshuzwayo ezingeni elikhokhelayo.
Kudlule amahora ambalwa kwenzeke lokho, noJose Riveiro, oqeqesha i-Orlando Pirates wakhala esifanayo ngenkundla i-Orlando Stadium abanqobe kuyona bebheke neSuperSport United kulo mqhudelwano.
Yize kusobala ukubona ukuthi yini eyenza laba baqeqesghi bakhononde ngesimo sezinkundla, uSchloss uthe phansi amaphaphu.
Ngokusho kwakhe, ziningi izimbangela zokuthi kubukeke sengathi izinkundla azikho esimweni kodwa ukukhononda kwababaqeshi kungase kudale ukudideka okungenasidingo.
“Abaqeqeshi abakhonondayo benza okufanele ngoba kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi izinkundla zisesimweni esifanele,” kusho uSchloss.
“Kulokho kukhononda kusemqoka nokuqaphela ukuthi kunezimo eziseqa ngaphezulu kulo msebenzi wethu. IDanie Craven Stadium esuse umsindo siyivalile ngikhuluma nawe.
“Inkundla ibisesimweni esifanele kodwa yonakala ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano wombhoxo wabafana abaneminyaka engaphansi kwengu-19 muva nje.
“Ngaphezulu kwalokho kube, nemvula engajwayelekile ngalesi sikhathi eKapa okwenze ne-Athlone Stadium sibe manqika ukuyidedela.
“Uma abaqeqeshi bekhononda, bakwenze lokhu kodwa bakubeke emqondweni ukuthi kunezimo ezingaphezulu kwethu,” kulandisa yena.
USchloss utshele Isolezwe ukuthi useqedile ezinkundleni zaseLimpopo.
“Kuleli sonto eliqalayo sizohambela ezinye izinkundla ezahlukene njengoba senzile kwezaseLimpopo ngesonto eledlule.
“Ngaphandle kweThohoyandou Stadium (Black Leopards), ziphasile ezinye izinkundla kwaslala iSeshego Stadium (Magesi FC), esizoyibheka lingakapheli isonto.
“Kulona leli sonto eliqalayo sizohambela zonke ezaKwaZulu Natal okuhlanganisa neRichards Bay Sports Complex.
“Ezinye izinkundla esizozivakashela lingakapheli isonto iSeisa Ramabodu Stadium eseBloemfontein (Marumo Gallants) ne-East London Stadium (Chippa United).
“Ngesikhathi okuzoqala ngaso imidlalo yeligi kuzobe sekucace konke ngezinkundla ngakho-ke asikho isidingo sokuxhamazela,” kuthembisa uSchloss.