IYAMKHATHAZA eyokuhluleka kweqembu ukudlala imidlalo esezingeni eliphezulu ilandelana, omunye wabadlali abamnkantshubombu beqembu lesizwe labesifazane lekhilikithi, uMarizanne Kapp.
AmaProteas anqotshwe yi-England ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wokugcina wochungechunge lwe-One Day International (ODI) ePotchefstroom ngoLwesithathu ebusuku, izivakashi zalunqoba ngo 2-1.
Iqembu lakuleli lathatha umdlalo wokuqala eKimberley, ngamawikhethi ayisithupha eKimberley ngesonto eledlule, i-England yanqoba owesibili ngendlela efanayo eThekwini ngeSonto.
"Engingakusho ukuthi asikwazi ukubamba umgqigqo wethu. Amanye amaqembu amakhulu avamise ukudlala kahle kakhulu bese uma kwenzeka ehla abe sezingeni elijwayelekile. Thina sidlala kahle kakhulu kweminye imidlalo, bese kweminye sishaya udaka,” kusho uKapp.
"Sibe nezinguquko ezimbalwa onyakeni noma emibili edlule. Ngiyethemba ukuthi sisazokhuphula izinga njengoba siqhubeka nokulungiselela iNdebe yoMhlaba ye-ODI."
INdebe yoMhlaba ye-ODI yabesifazane izodlalelwa e-India, kusukela ngoSepthemba kuya ku-Okthoba ngonyaka ozayo.
AmaProteas azosheshe aludlulise uchungechunge lwe-ODI njengoba sekufanele agxile emdlalweni owodwa we-Test azowudlala ne-England ozoqala kusasa ngo-10 ekuseni, eMangaung Oval, eBloemfontein.
Iqembu lakuleli selidlale imidlalo emibili yeTest kulo nyaka. Laqunjwa phansi yi-Australia nge-innings nama-run angu-284 ngoFebhuwari, laphinde lanqotshwa yi-India ngamawikhethi angu-10 ngoJulayi.
Labhekana ne-England emdlalweni we-Test ekuhambeni ngoJuni ka-2022, lowo mdlalo waphela zibambene.
“Sesibheke kolunye uhlobo lwekhilikithhi. Siyakwazi okufanele sikulindele kwi-England. Kuzobe kungokwesibili sibhekana koweTest eminyakeni embalwa edlule. Ngeke sisakwazi ukucabanga ngama-ODI manje ngoba sesizobhekana nenye inselelo ehlukile,” uqhube kanje uKapp.
“Siyazi ukuthi kufanele sibhukule, senze konke okusemandleni ethu. Sidlale kahle ngesikhathi sibhekene ne-India koweTest wakamuva, lokho kuzolikhuphula izinga lokuzethemba. Ngingathanda ukusibona silwa isikhathi eside ngoba zincane izinto ezisilimazayo.”
AmaProteas esifazane agcina ukunqoba umdlalo weTest ngo-2007, eguqisa iNetherland ngama-run angu-159 eRotterdam.