AKASIBONI isidingo sokuxhamazela nokuba nengebhe umqeqeshi weMilford FC, uMandla Qhogi. Ukholwa wukuthi ezakhe zisenethuba elifanayo lokuba sembangweni wesicoco seligi neqembu elisazihola phambili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
UQhogi usho kanjena nje, ezakhe zike zaqhwakela isikhashana esicongweni se-log yeMotsepe Championship, kodwa zadilizwa yiDurban City ngempelasonto edlule zilahla amaphuzu ngokubambana ngo 1-1 neBlack Leopards, ngenkathi iCity inenebula iLeruma United ngo 3-0.
Njengamanje iCity iqhwakele phezulu ngamaphuzu angu-25 ilandelwa yi-JDR Stars endaweni yesibili ngamaphuzu alinganayo yize kuyiyona eqhwakele ngenxa yomehluko wamagoli, isithathu yiMilford ngamaphuzu angu-24.
Nokho iMilford inethuba lokuzibambela yona iCity eyizimbangi zayo kowesicoco seMotsepe Championship, njengoba la maqembu ezodudulana kowabakhaya baKwaZulu-Natal, namuhla ngo-3.30 ntambama, eChatsworth Stadium, eThekwini.
“Yize kusivule amehlo ukulahla kwethu amaphuzu sehla esicongweni se-log, kodwa ngikholwa wukuthi sesikwazile ukulungisa amaphutha ikakhulu ngoba siyodlala neDurban City esisembangweni wesicoco seligi nayo.
“Angisiboni isidingo sokuxhamazela nokuba novalo njengamanje ngoba iseminingi imidlalo esisazoyidlala, ngakho sisenethuba elifanayo neqembu elihlezi phezulu kwi-log.
“Sike saba nenkinga odongeni lwethu lwasemuva lapho besingenelwa khona ngamagoli angenasidigo kodwa okuyinto enginesiqiniseko sokuthi seyilungisekile njengamanje.
“Ngingakubeka nje ngokucacile ukuthi sizokwenza izinguquko kulo mdlalo esiyowudlala neDurban City ngokubophela abadlali abasenzele umsebenzi omuhle sinqoba i-Upington City kwiNedbank Cup, yokuhlungela i-Last 32,” kusho uQhogi.
“Silindele umdlalo onzima kwiDurban City eyiqembu elisefomini njengamanje kodwa-ke nathi siyawadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo ngoba sifuna ukuqeda unyaka ngenothi eliphezulu, siye emaholidini kaKhisimusi sihlezi phezulu kwi-log.”
UQhogi odabuka eZola, eSoweto, noqeqeshe isikhathi eside ezinhlakeni zabadlali abasakhuliswa kwi-Orlando Pirates, ujoyine iStallions ngaphambi kokuqala kwale sizini. Kanti kubukeka esayibambe ngohlelo kuleli qembu laseRichards Bay.
Ngakolunye uhlangothi iCity eqeqeshwa nguSimo Dladla kubhekwe lukhulu kuyona kule sizini njengoba usihlalo weqembu uFarook Kadodia engakufihli ukusha kwakhe amashushu ngokubona leli qembu, phambilini ebelaziwa ngeMaritzburg United, likhuza ibuya kwiPremiership.
Amaqembu eMotsepe Championship adlala imidlalo yokugcina kule mpelasonto, azothatha ikhefu lamaholide okuphela konyaka, abuyele ensimini ngoJanuwari 10.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3.30pm:
Milford FC v Durban City (Chatsworth Stadium); Venda FC v Highbury (Thohoyandou Stadium)
University of Pretoria v Leruma United (Tuks Stadium); Orbit College v JDR Stars (Olympia Park)