UKUNGENZI obekufiswa abaphathi boMkhambathi FC edlala kwi-Safa KZN ABC Motsepe League kwisizini esanda kusongwa, kuholele ekutheni leli qembu lingabe lisapholisa maseko, leza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi.
Leli qembu liqede isizini ka-2023/2024 lilele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-42 kwi-log. Lusale ngephuzu elilodwa kuMsinga United ogcine udle uStream B.
Lokhu kuholele ekutheni uMkhumbane uphuthwe yithuba lokuyodlala kweyokuhlunga umpetha wesifundazwe, okugcine kuyiNjampela ezosimela kweyokuhlunga kazwelonke yeMotsepe League.
Abaphathi beqembu bagudluze obewuqeqesha, uNkosingiphile Ntinga, kwaqashwa umakadebona uJulius “JD” Dube ozohola leli qembu ngesizini ezayo.
Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu, sithe ukuletha lolu qweqwe lomqeqeshi kuzolisiza kakhulu.
“Umqeqeshi uDube uzoletha isipiliyoni esikhulu kanye nempumelelo eqenjini lethu okuyinto ezoba nenzuzo kakhulu,” sisho kanje isitatimende.
Oyimenenja yaleli qembu uNtuthuko “Cream” Mlaba ekhuluma neSolezwe, uthe babekubeke kwacaca kumqeqeshi uNtinga ngesikhathi kuqala isizini ukuthi kumele baye emdlalweni yokuhlunga.
“Umqeqeshi nethimba lakhe sabacacisela ukuthi iqembu kumele baliyise kuphi kodwa lokho akwenzekanga njengoba sahlulwa emdlalweni wokugcina. Umqeqeshi uNtinga wenze umsebenzi omuhle kakhulu, sithe asimnike ithuba emva kukamqeqeshi ebesinaye uMdluli,” kusho uMlaba.
Uthe ukuqokwa komqeqeshi omusha banethemba ukuthi bazokwenza kangcono ngesizini ezayo.
“Sinethemba kakhulu ukuthi ngamava akhe (uDube) uzosiyisa emdlalweni yokuhlunga ngenxa yesipiliyoni anaso kanye nendlela aseyihambile kulo mkhakha,” usho kanje.
Uthe abekho abadlali abazobasayinisa okwamanje.
“Eqinisweni angeke sisayine muntu ngoba isikwati sethu angeke sishintshe kakhulu. Abadlali esinabo benze kahle kakhulu sizimisele ukubagcina sibanike ithuba elanele.”
UDube akalona ivukane uma kuziwa kwezokuqeqesha njengoba eseke wayibamba kwiNathi Lions, Thanda Royal Zulu, waba iphini nakwiChippa United. KwiMotsepe League useke waqeqesha uMthatha Bucks neZizwe United. Uke wadlala nasesigabeni esikhokhelayo njengoba ayegijima kuLamontville Golden Arrows, AmaZulu ne-Manning Rangers.