SELIPHINDE lagadla izembe kubasebenzi beMaritzburg United, okuthiwa ibhekene nenkinga yenkece.
Leli phephandaba lithole ukuthi uFarouk Kadodia, ongusihlalo walo nabambisene nabo, bakhombe indlela uLucky Hlela ongumqeqeshi wonozinti, Lungi Hadebe oyi-biokineticist noSibusiso Mathonsi oyi-physical trainer.
Ngokusho komthombo, uKadodia ukhale ngemali kulaba, wabathembisa ukuthi uzobabuyisa uma kwenzeka iqembu lithola abaxhasi noma libuyela kwiDStv Premiership.
"Vele isimo semali besingesihle nangesikhathi iqembu lisadlala kwiDStv Premiership. Beliqhuba phela ngoba uKadodia uyindoda ezamayo elithandayo ibhola. Njengoba iqembu lakhe selehlikele kwiMotsepe Foundation, sekubheda kakhulu kunakuqala.
Usawoti esilondeni uphinde wafakwa wukuhoxa kukaMasipala uMsunduzi ekubeni ngabaxhasi. Kubuhlungu okwenzeke kulaba basebenzi," kubeka umthombo.
Nangesikhathi iqembu lidliwa yizembe ngesizini edlule, lesi sikhulu saxosha inqwaba, sikhala ngayo inkence. Kwahamba ngisho uZola Luthuli owayeyi-kit manager. Bese kufana nasekhaya kwiTeam Choice kuLuthuli ngenxa yokuthi ubese ehlale isikhathi eside.
Isolezwe liphinde lahosha ukuthi nabasebenzi abasele, kuhlanganisa abadlali nabaqeqeshi bangase behliselwe imiholo, abanye bakhonjwe indlela.
Njengamanje iMaritzburg iqeqeshwa nguSimo Dladla owazakhela igama eminyakeni edlule enyusela kwiMotsepe Foundation, iReal Kings. Isanda kuqasha uPitso Dladla ukuba yiphini lomqeqeshi.
UDladla wenyusele kwiPremiership yiRichards Bay ngesizini ka-21/22 .
UKadodia uthe ngeke akwazi ukuphawula ngemibiko yokudilizwa kwabasebenzi.
"Kuyiqiniso ukuthi sisenkingeni yemali. Ukudlala kwiMotsepe Foundation kuyaphundlana ephaketheni. Engingakuqinisekisa wukuthi lesi simo sisiphoqa ukuthi sinciphise isibalo sabasebenzi kuyona yonke iminyango yeqembu," kubeke uKadodia.
Kuvela nokuthi uNkanyiso Zungu (27) ozakhele igama kuMaZulu, Orlando Pirates nakwamanye amaqembu, uzama inhlanhla kuyo iTeam of Choice.
Mayelana nalo mdlali, uKadodia ucele ukuthi aphinde athintwe ngoba akekho eMgungundlovu.
UJanuwari yinyanga yesithupha lo mdlali oyibamba esiswini engenaqembu. Ngasekupheleni kwesizini edlule uxoshwe yiRichards Bay ebimboleke kwiPirates nayo egcine imchithile.
Uzame inhlanhla kwiRoyal AM egcine ingamsayinisanga ngenxa yesigwebo seFifa. Ube esenikela kuMaZulu nawo angachazekanga.