IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesilisa lemidlalo ye-T20 lihlulekile ukusika iphethini kwele-Test ngesikhathi linqotshwa yi-West Indies emdlalweni wesibili ngoMsombuluko ezintathakusa.
Ama-Proteas alunqobe ngo 1-0 uchungechunge lwe-Test kulandela ukubhuntsha komdlalo owodwa ngenxa yemvula.
Nokho, asekhale ngaphansi kolwe-T20 njengoba i-West Indies isihamba phambili ngo 2-0.
Iqembu lakuleli linqotshwe ngamawikhethi ayisikhombisa emdlaweni wokuqala, laphinde lakhala ngaphansi ngamawikhethi angu-30 kowesibili obuse-Brian Lara Cricket Academy, eTrinidad and Tobago.
Kulo mdlalo iqembu lakuleli likhethe ukushwiba kuqala, i-West Indies yashaya ama-run angu-179 kuma-over angu-20, sekuphume abadlali abayisithupha.
Iqembu lakuleli alikwazanga ukuhlanganisa ama-run anele njengoba likhishwe lonke kwi-over yokugcina lisashaye angu-149.
“Kusidumazile ukuhlulwa kulo mdlalo. Singene kuwona ngenhloso yokudlala kahle ukuze sinqobe bese siyalingana ne-West Indies kulolu chungechunge,” kusho umdlali wama-Proteas uReeza Hendricks.
“Ngicabanga ukuthi siqale kahle. Sishwibe kahle futhi isibalo sama-run esiwatholile besingathusi. Siqale kahle nokubhetha kodwa kwabheda ngasekugcineni.”
Nakuba imiphumela ingahambanga kahle kodwa uHendricks uthe kuyabakhuthaza ukuthi abadlali abafikayo eqenjini lesizwe njengoKwena Maphaka, Patrick Kruger, Donovan Ferreira nabanye, bakhombisile ukuthi yini abangayenza kuleli zinga.
“Kuyajabulisa ukuthi kunabadlali abasha abathole amathuba okuzwa ukuthi kunjani ukudlala ezingeni lamazwe ngamazwe. Abanye babo bazibonakalisile ngempela,” uqhube kanje uHendricks.
“Abanye bagqame emdlalweni wokuqala, abanye kowesibili. Kuningi okuhle esikubonile futhi nginesiqiniseko sokuthi konke abazokufunda kulolu chungechunge kuzobaqinisa ukhakhayi.”
Ama-Proteas ne-West Indies bazodlala owokugcina wochungechunge ozoqala ngo-9 kusihlwa e-Brian Lara Cricket Academy.