SEKUYINTO eyejwayelekile ukuthi uma kutholene phezulu i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kuba nokuphakama kwemimoya nokubhekana ngeziqu zamehlo, noma kube khona isiwombe esizonyakazisa iNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo.
La maqembu azophinde atholane phezulu e-Orlando Stadium koweDStv Premiership, namuhla ngo-3.30 ntambama.
Ngaphandle kokuthi kuzonqoba bani, ngamagoli amangaki, okunye wumbuzo othi kazi phakathi kwale zinkunzi zombili liyothi lishona iyobe isizale nkomomi?
Esinye seziwombe ezisesemiqondweni yabaningi, ngesisuse inhlokomo, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana lapho isikhwishikhwishi seZimnyama, uMonnapule Saleng, sijike khona u-Andile Jali wamaBrazillians waze wagqomeka phansi ngekhanda.
Okwenze igidigidi ngalokhu wukuthi ngaphambi kwalo mdlalo obekuwumlenze wokuqala owandulela owamanqamu eMTN8, uJali wubeke wafaka ezinkundleni zokuxhumana isithombe lapho ayejike khona uMakhehleni Makhaula (esadlala kuMaZulu) naye owabonakala ewa kanzima.
Lesi sithombe besihambisana nophawu lokuhleka nombhalo obusakubhuqa obuthi:" Sawubona Makhehleni mngani wami".
Okuhlekisa kakhulu wukuthi kulokhu uMakhawula uzobe egqoke imibala yeZimnyama okokuqala. Okunye, kubhekwe ukuthi ibe nkulu impi phakathi kwalaba enkabeni yenkundla.
Esinye isixakaxaka ngesenzeke ngoNovemba kowamanqamu eCarling Black Label, phakathi komqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena noKermit Erasmus.
Indaba isuswe yisitobha sePirates, uTapelo Xoki, esidlalise kabi uHaashim Domingo, wagcina ephume ngekhadi elibomvu umdlalo uqalile kusaphele imizuzu ewu-20.
Ngemuva kwalesi sihlakalo kubonakale uZakhela Lephasa (osebolekiswe kwiSuperSport Unted) embambatha uXoki emhlane sakumduduza ngokukhishelwa ngamaphandle.
Lokhu kwenza uMokwena wadinwa wathelwa ngamanzi, wagxeka uXoki noLephasa. Yilapho u-Erasmus ezwakale ethathana khona noRhulani. Bekungakapheli isikhathi esingakanani u-Erasmus esuke kumaBrazillians wajoyina eZimnyama.
Emuva komdlalo kwacashunwa uRhulani ethi:" Ingiphoxile indlela uKermits aziphathe ngayo. Ngesikhathi kushone uyise ngaya emndenini wakhe eGqeberha ngoba lokho kwakubalulekile eqenjini".
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi laba baphinde bathelelana amanzi. Kuthe emdlalweni owaphela ngo-4-0 , eFNB Stadium, kuphinde kwabonakala abalandeli beSundowns nabePirates beshaya ivelemane.
Kugcine kungacacanga ukuthi bebebangani. Ziningi izigameko esenzekile uma kudlala la maqembu. Kwesinye isehlakalo abalandeli bala maqembu baxovane ngenqindi ngenxa yokuthi abeZimnyama babepake ibhasi endaweni yabeSundowns.
Akekho umlandeli webhola ongakhohlwa yisigameko sangoFebruwari ngo-2017, iPirates ithelwa ngehlazo lika-6-0, kowawuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Kwaqhuma inqindi maqede kwabonakala abalandeli beZimnyama bengena ngodli enkundleni.
Ingcindezi yalo mdlalo isemahlombe ePirates njengoba kuyiSundowns ethanda ukuyiqonela ngale sizini. Ukunqoba imidlalo emithathu kulandelana kweZimnyama, nokudlala ibhola elihle kubukeka zingakwazi ukuziphindisela.