UKUSHUBA kombango wesicoco seligi ye-English Premier League, kuyinto ethakaselwa ngabantu nabalandeli bomdlalo kanobhutshuzwayo namaphanta emhlabeni jikelele.
Ngendlela izinto ezimi ngayo kule sigaba, akungangatshazwa ukuthi umdlalo, nomdlalo othinta amaqembu asembangweni wesicoco uhlale ubhekwe ngabomvu masonto wonke.
Kumanje yi-Arsenal esazihola phambili kwi-log kodwa mncane umehluko phakathi kwayo nezimbangi zayo iManchester City, neManchester United, okungamaphuzu amahlanu.
I-Arsenal isaqhwakele phezulu ngamaphuzu awu-54, ilandelwa eduze yiManchester City ngawu-52, endaweni yesithathu kube yiManchester United ngawu-49.
Nakuba iManchester United isibuyelwe yifomu futhi isikhombisa ukuba yiqembu elisengaphendula amatafula embangweni weligi kodwa kumanje amehlo athe njo kwi-Arsenal neManchester City, okuyiwona maqembu ajahana eduze ngoba ahlukuniswe ngamaphuzu amabili kuphela.
I-Arsenal ike yavula igebe isikhathi esicongweni se-log kepha ukulahla kwayo amaphuzu sekuyenze yazithola isihleli ngesinqe esisodwa esicongweni se-log. Lokhu kubuye kunezezelwe wukushaywa kwayo yiManchester City ngo 3-1 ngesonto eledlule.
Yize ezinye izingqapheli zebhola zithatha ngokuthi iMan City isazobuyela “endaweni yayo” (esicongwe), ikakhulu ngenxa yamasu ayo okunqoba isicoco sePremier League, kodwa kubukeka luselude ukhalo esazoluhamba
Okudala isasasa ngeMan City ne-Arsenal ngombango wesicoco wukuthi zombili izingqungqulu zizotholana phezulu emzuliswaneni wesibili wesizini ngo-Ephreli 26.
Nakuba ukunqoba isicoco seligi kungekho eqhulwini kwiGunners ethathwa njengeqembu elisakha inqanawe elizobulala ngayo izizwe emasizinini azayo kodwa kucacela noma ngubani ukuthi le klabhu yaseLondon, ayizithelile nhlobo ngabandayo embangweni wesicoco seligi.
Kanti ngasohlangothini lweThe Citizens eqeqeshwa ngumakadebona womqeqeshi, uPep Guardiola, ukuvikela isicoco sePremier League esesinqobe amasizini amabili elandelana kusemqoka kakhulu kuyo futhi kuyenza ibe ngaphansi kwengcindezi enkulu yokuphinde iwudle umhlanganiso wesicoco seligi.
Ngakolunye uhlangothi ukubuyelwa yifomu kweManchester United muva nje, sekuyibeka ethubeni elingcono lokushisa umbango wesicoco seligi, nokwenza ukuthi kule midlalo esazodlalwa kulindelwe noma yini.
I-Arsenal neMan City banemidlalo emqoka kule mpelasonto. I-Arsenal izotholana phezulu neLeicester City namuhla ngo-5 ntambama, kuthi iMan City ibhekane neBournemouth khona namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla:
Everton v Aston Villa (5pm); Leicester City v Arsenal (5pm); West Ham v Nottingham Forest (5pm); Leeds United v Southampton (5pm); Bournemouth v Manchester City (7.30pm); Crystal Palace v Liverpool (9.45pm)
Kusasa:
Tottenham Hotspur v Chelsea (3.30pm)