AMENYEZELWE amaqembu amaProteas esifazane azodudulana ne-England ochungechungeni lweT20 kule nyanga nolwe-One Day International ngenyanga ezayo.
Elakuleli lizodlala emithathu yeT20 ne-England kusukela ngoNovemba 24. Owokuqala uzodlalelwa e-East London, owesibili eBenoni ngoNovemba 27, bese owokugcina uba ngoNovemba 30 eCenturion.
Kwele-T20 kubuyiswe uNondumiso Shangase, Eliz-Mari Marx noFaye Tunnicliffe, abazovala izikhala zikaMarizanne Kapp no-Ayabonga Khaka, abaphunyuziwe, noMieke de Ridder.
USeshnie Naidu ushiywe ngaphandle ngenxa yokuthi usagxile ezivivinyweni zakhe zika-matric. Kubhekwe ukuthi abe yingxenye yeqembu lesizwe lika-Under-19 elizodlala eNdebeni yoMhlaba e-Malaysia ngoJanuwari.
“Singathanda ukuqhubeka lapho sigcine khona eNdebeni yoMhlaba yeT20 yakamuva. Sifuna ukukhula njengeqembu futhi siqhubeke ngendlela yethu yokudlala. Sifuna ukunikeza abadlali ababili noma abathathu amathuba ukuze bazibonakalise, sazi ukuthi bangaki abadlali esingathembela kubona,” lisho kanje ibamba lomqeqeshi, uDillon du Preez.
AmaProteas ne-England bazodlala nemithathu ye-ODI kusukela ngoDisemba 4. Owokuvula uzoba seKimberley, owesibili udlalelwe eThekwini ngoDisemba 8, bese owokugcina ubanjelwa ePotchefstroom ngoDisemba 11.
Ama-Proteas azophinde adlale ne-England ku-Test e-Mangaung Oval e-Bloemfontein, i-Test yokuqala yabesifazane ebanjwe eNingizimu Afrika kusukela ngo-2002.
Lawa maqembu azobe esedudulana kowodwa weTest eBloemfontein ngoDisemba 15. Iqembu lakuleli elizodlala kulowo mdlalo lisazomenyezelwa.
Khonamanjalo: Iqembu labesilisa lizoqhubeka nochungechunge lweT20 ne-India. Lawa maqembu abambene ngo 1-1 kulandela ukunqoba kwe-India owokuvula eThekwini ngoLwesihlanu, amaProteas abuyisa izinduku eGqeberha ngeSonto.
Umdlalo wesithathu uzobanjelwa eSuperSport Park, eCenturion, namuhla ngo-5 ntambama. Owokugcina uzodlalelwa eWanderers, eGoli, ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama.
Iqembu lamaProteas esifazane leT20: Laura Wolvaardt, Anneke Bosch, Suné Luus, Eliz-Mari Marx (Titans), Tazmin Brits, Tumi Sekhukhune, Chloé Tryon, Sinalo Jafta (Lions), Nadine de Klerk, Faye Tunnicliffe (WP), Annerie Dercksen (Badgers), Nonkululeko Mlaba, Ayanda Hlubi, Nondumiso Shangase (Dolphins).
Iqembu lamaProteas esifazane le-ODI: Laura Wolvaardt, Anneke Bosch, Masabata Klaas, Sune Luus (Titans), Nadine de Klerk, Lara Goodall, Marizanne Kapp (WP), Annerie Dercksen, Mieke de Ridder (Badgers), Ayanda Hlubi, Nonkululeko Mlaba (Dolphins), Tazmin Brits, Sinalo Jafta, Ayabonga Khaka, Chloe Tryon (Lions).