UMDLALI weqembu lesizwe lakuleli labesifazane lekhilikithi, uTazmin Brits, ukholwa wukuthi indlela abadlale ngayo kowokuvula uchungechunge lwemidlalo yama-over angu-50 (ODI) neSri Lanka, izobagqugquzela emdlalweni olandelayo.
Yize umdlalo obongoLwesibili eBuffalo Park, ungaphelanga ngenxa yemvula kodwa uBrits, uthe kuningi abakubonile kuwona okuzobasiza kwezayo.
UBrits ushaye ama-run angu-116 emabholeni angu-128, ebambisene noLaura Wolvaardt oshaye angu-41, Anneke Bosch (39) noNadine de Klerk (34). AmaProtea agcine ehlanganise ama-run angu 270 kuma-over angu 50, eselahlekelwe amawikhethi ayisithupha.
ISri Lanka ibisashaye ama-run angu-23, ingakalahlekelwa yiwikhethi ngesikhathi imvula enamandla imisa umdlalo, wangabe usaqhubeka.
UBrits uthemba ukuthi ifomu yakhe izolisiza iqembu likwazi ukunqoba uchungechunge njengoba iSri Lanka iluthathe ngo 2-1 olwe-T20.
“Ngidlale ngokusaba ochungechungeni lweT20, angikwenzanga ebengifuna ukukwenza. Emidlalweni ye-ODI nginesikhathi esiningi sokwakha isisekelo ekuqaleni, bese ngidlala kahle. Ngeke ngisho ukuthi ngishintshe okuningi emdlalweni wami, umehluko wukuthi nginesikhathi esanele sokujwayela isimo senkundla nabashwibi, bese ibhola ngilishaya ngendlela efanele,” kuchaza uBrits.
“Ngiwubheke ngabomvu umdlalo olandelayo. Kuhlale kukhuthaza ukuqala uchungechunge ngokushaya inqwaba yama-run. Ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka nokudlala kahle, ngibeke iqembu ethubeni elihle lokunqoba imidlalo.
“Ngicabanga ukuthi indlela esidlale ngayo izosigqugquzela. Besibheke ukuthi sibe nomdlali oshaya ama-run angu-60 kuya kwangu-80, sakwenza lokho. Nabanye bawengezile ama-run abedingeka. Yebo, besihlose ukuwunqoba umdlalo sithole amaphuzu aphelele kodwa sesizobheka olandelayo.”
Umdlalo wesibili uzodlalelwa eDiamond Oval, eKimberley, ngoMgqibelo ngo-2 ntambama, owesithathu uzoba ngolwesithathu eSenwes Park, ePotchefstroom.