Ukuqhubeka esigabeni sesibili seTelkom Netball League ngesizini ezayo kuyithuba lokuthuthukisa iqembu lize lilungele ukuqophisana namaqembu aphezulu ngokusho komqeqeshi weKingdom Stars, uPrecious Mthembu.
Leli qembu laKwaZulu-Natal alikwazanga ukukhuphukela esigabeni esiphezulu kulo mqhudelwano kazwelonke we-netball kulandela ukunqotshwa elaseLimpopo, iBaobabs, ngo 65-40 emdlalweni wokuhlunga ngoLwesithathu.
IStars ingene kulo mdlalo njengompetha besigaba sesibili, iDivision B, ngenxa yokuthi ibinqobe i-Eastern Cape Comets kowamanqamu ngoLwesibili ebusuku.
IBaobabs ibilwela ukuzigcina esigabeni esiphezulu ngemuva kwesizini embi lapho liqede khona emsileni kuDivision A ngeqanda.
Leli qembu laseLimpopo alikunakanga ukuthi belingakaze linqobe kule sizini njengoba liwuphathe zibekwa umdlalo, kwayiwa ekhefini selihamba phambili ngo 36-21.
IStars izame yehluleka ukuzibuyisela emdlalweni kumakota amabili okugcina ngenxa yokugeja inqwaba yamabhola phambili yize emuva ukaputeni wayo, uNozipho Ntshangase, nozakwabo, uDikeledi Mpanza, bebesaqhubeka nokuwantshontsha.
IBaobabs ibigcine ukudlala ngesikhathi ibhekene ne-Eastern Cape Aloes ngeSonto, iStars idlale owandulela owamanqamu ngoMsombuluko nowamanqamu ngoLwesibili.
Noma kunjalo uMthembu uthe ngeke bakusebenzise lokho njengezaba zokuthi kungani bengadlalanga ngendlela abebefisa ngayo.
“Asisitholanga isikhathi esiningi sokuphumula kodwa ngeke sivike ngalokho. Besingekho emdlalweni ngokomqondo, sagcina sesenza inqwaba yamaphutha, sazifaka ngaphansi kwengcindezi,” kusho uMthembu.
“IBaobabs isheshe yangena emdlalweni, yasishiya ngamagoli amaningi nokwenze kube nzima ukubuya.
“Sizobuyela ekhaya siqhubeke nokusebenza. Ngicabanga ukuthi kuhle ukuthi siqale ngokuzinza kule sigaba sesibili, sithuthuke, abadlali baze bakulungele ukuyodlala kwesiphezulu.”
Bobabili abadlali beStars bathole izindondo ngesikhathi kuklonyeliswa abenze kahle kuDivision B. Umgadli, u-Aphiwe Thusini, uthole indondo yeBest Shooter, uNtshangase wathola eyeSTAND TALL Player of the Tournament ngokuba ngumdlali ovelele emqhudelwaneni wonke.
U-Arne Rust weComets uqokwe njengeBest Centre, kwathi u-Amarachi Agbai wahlabana ngendondo yeBest Defender.
IFree State Crinums ibe ngompetha besigaba esiphezulu, iDivision A, ngokuthela phansi iGauteng Jaguars ngo 47-46 ngoLwesithathu ebusuku.
ICrinums yagcina ukudla umhlanganiso ngo-2016, inqoba iqembu elifanayo kowamanqamu.
Eminyakeni eyisikhombisa edlule iJaguars ithathe le ndebe amahlandla ayisithupha, iGauteng Golden Fireballs yayinqoba ngo-2022.
URefiloe Nketsa weCrinums uqokwe njengeBest Centre, kwathi uzakwabo, uKarla Pretorius, wathola indondo yeSTAND TALL Player of the Tournament.
IBest Shooter kube wu-Alice Kennon weJaguars, indondo yeBest Defender yathathwa nguzakwabo, uJamie van Wyk.