NAKUBA iSenegal kuyiyona ebukeka ithwelwe ngeqoma kowamanqamu e-2023 Under 20 Africa Cup of Nations (Afcon) ngenxa yomlando wale lizwe ebholeni lase-Afrika, kodwa akulula neze ukuziba iGambia ezotholana phezulu nayo kowamanqamu.
ISenegal izodlana imilala neGambia kowamanqamu we-2023 Under 20 Afcon, eCairo International Stadium, eCairo, e-Egypt, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.
Lo mdlalo wamanqamu ufaniswa nempi yomkhaya, kwazise womabili la mazwe ase-Afrika angomakhelwane.
ISenegal ifinyelele kowamanqamu ngokubhaxabula iTunisia ngo 3-0 kowandulela owamanqamu, kwathi iGambia yaguqisa iNigeria kungabheke muntu ngo 1-0.
Ngokufinyelela kowandulela owamanqamu kwala maqembu womane, lokhu azibekisela indawo kwiFifa Under 20 World Cup, ezodlalelwa e-Indonesia, ngoMeyi 20 kuya ku-11 Juni.
ISenegal neGambia abakaze bayiwine indebe ye-Under 20 Afcon, kodwa okwenza iSenegal ithwalwe ngeqoma kowamanqamu wanamuhla yingenxa yokuthi yona seyifinyelele kwaze kwaba ngamahlandla amathathu kowamanqamu alo mqhudelwano kusukela ngo-2015 kuya ku-2019 kulandelana.
I iGambia kungokokuqala ifinyelela kowamanqamu alo mqhudelwano, nakuba yakwazi ukuthola indawo yesithathu okokuqala ngo-2021.
ISenegal nakuba ingakaze iwunqobe lo mqhudelwano we-Under 20 Afcon, kodwa akungatshazwa ukuthi ukunqoba i-Afcon “kobhuti bayo abadala” nyakenye eCameroon, kubukeka kungase kube yisikhuthazi kule liqembu lika-Under 20 ekulandeleni ezinyathelweni zabo.
Okuqaphelekayo wukuthi iSenegal neGambia babophele iningi labadlali abadlala kumaligi asekhaya, bese kuba abambalwa abadlala kumaligi ase-Europe,
Okungangatshazwa ukuthi ukwenza kahle kwalaba abanye abadlala ekhaya kungase kubaphendlele indlela ebheke e-Europe.
IYoung Lions of Teranga ibophele abadlali abahlanu abadlala emaqenjini ase-Europe, okubalwa kubona ukaputeni nomgadli uSamba Diallo osemabhukwini eDynamo Kyiv, yase-Ukraine.
Abanye nguLamine Camara noPape Diallo bobabili abagijima kwiMetz yaseFrance, uPape Diop okwiZulte Wareyem yaseBelgium noSouleymane Faye weTalavera de la Reina yaseSpain.
Ngesifanayo nakwiYoung Scorpions, okuyisiteketiso seGambia Under 20, njengoba nayo ibophele abahlanu abadlala emaqenjini ase-Europe.
Kubalwa kubo ukaputeni nesitobha u-Alagie Saine osemabhukwini eHorsens yaseDenmark, uBa Lamin Sowe osemabhukwini eTenerife yaseSpain.
UMahmudu Bajo osemabhukwini eGranada yaseSpain, u-Ebrima Singhateh okwiSlavia Prague yaseCzech Republic uMamin Sanyang okwiBayern Munich II yaseGermany.
Ngaphandle kwalokho le liqembu laseGambia linomdlali odlala kwiDStv Premiership, kwiCape Town City, uKajully Drammeh odlala esiswini.
Umqeqeshi weGambia, u-Abdoulie Bojang, ukubeke kwacaca ukuthi ezakhe zikufanele ukufinyelela kowamanqamu alo mqhudelwano.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali bami abalokhu beqhubekile nokubhala kabusha umlando webhola wethu (weGambia) webhola.”
“Badlale kahle nangokuzimisela okukhulu abadlali bami. Ngakho sizolwela ukusinqoba lesi sicoco se-Afcon Under 20 lapho sesibhekene neSenegal kowamanqamu,” kusho uBojang ecashunwa yiCAFOnline.com.
Phakathi kwabadlali ababhekiwe kulo mdlalo wamanqamu, kubalwa umgadli weSenegal, uPape Diop osehlohle amagoli amahlanu kulo mqhudelwano. NoCamara oyinjini yasesiswini, owenza izinto zenzeke.
KwiGambia kubhekwe u-Adama Bojang osekhombise ukuba ngumgadli obukhali njengoba esehlohle amagoli amane kulo mqhudelwano, ebambene noDeo Bassinga weCongo.
UBojang ungomunye wabadlali abadlala ekhaya njengoba egijima kwiSteve Biko FC edlala kwiFirst Division yaseGambia.