UNOBHALA weSafa KwaZulu Natal uZama Buthelezi uqhakambise ukubaluleka kokuthi abaqeqeshi baqeqeshwe ngabantu abanolwazi uma kuza kwezokuqeqesha.
UButhelezi usho kanje njengoba iSafa KwaZulu-Natal iqhubeka nokuhlomisa abaqeqeshi bakuleli abasafufusa ngeziqu ezifanele ukuze bazithuthukise baphinde bathuthukise ibhola lakuleli ngezifundo zelayisensi yokuqeqesha iSafa-D. Lezi zifundo zibanjelwe enkundleni yezemidlalo iHoy Park, eThekwini. Ziqale ngo-15 Juni zaphothulwa izolo.
Ekhuluma neSolezwe uthe ngokwe-vission 2022 inhloso ukuthi bonke abaqeqeshi babe nolwazi.
“Kumele kube nesilinganiso sika 1/20, okuchaza ukuthi ezinganeni ezingu-20 kumele kube nomqeqeshi oyedwa oneziqu ezifanele. Asikakafiki lapho, yingakho siphusha lezi zifundo ukuze wonke umuntu oqeqeshayo abe nolwazi olufanele,” kusho uButhelezi.
Uthe abaqeqeshi bafundiswa abantu abamnkantshubomvu kwezokuqeqesha.
“Baqokwa yihhovisi leSafa kuzwelonke labo abasuke bezofundisa abaqeqeshi. Ohlwini lwezinto abazifundayo kubalwa ukuqeqesha, ukuphepha kwezingane nemithetho ephathelene nezemidlalo futhi asikho isicucu esidingekayo ngoba ilayisensi kaSafa D iyisiqalo sawo wonke umuntu ofuna ukuqala izifundo zokuqeqesha,” usho kanje.
Omunye wabaqeqeshi oyingxenye yalezi zifundo, uKuhle Mnqokoyi (25) oqeqesha iTerra Stars FC yaseLamontville, edlala esigabeni seLocal Football Association, uthe kubalulekile ukufundela ukuqeqesha.
“Ukufundela ukuqeqesha kuyadingeka ukuze ukhuphule ulwazi kanye nebhola elidlalwayo eNingizimu Afrika futhi sibone umehluko omkhulu ekuthuthukisweni kwebhola emazingeni aphansi, nazo izingane zithuthuke ngebhola ziye phambili,” kusho uMnqokoyi.
Uqhube wathi ithuba eliyingqayizivele leli kuyena.
“Ngibonga iSafa eThekwini ngokuthuthukisa ibhola laKwaZulu-Natal. Ngizobuyela emphakathini ngiyothuthukisa ibhola ngiphinde ngiqinisekise ukuthi abadlali engibaqeqeshayo ngiyababona eminyakeni engu-10 ezayo sebedlala esigabeni se-PSL. Ngibonga abaqeqeshi abasifundisayo okunguMax Ndlovu noSipho Mngoma,” usho kanje.