LIQOPHE umlando iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labesifazane, iBanyana Banyana liqokwa okokuqala ngqa ekubeni ngelihamba phambili ezwenikazi i-Afrika kunobhutshuzwayo, emcimbini weCaf obuse-Accra, eGhana, ngoLwesine ebusuku,
IBanyana ithele isibhaxu iqembu laseGhana nelaseNigeria okungamazwe ahlonishwayo ebholeni lezinyawo kwabesifazane e-Afrika.
Umcimbi ubuzinyaziswe ngumengameli weCaf u-Ahmed Ahmend, Danny Jordaan nezinye izingwazi ezaziwayo ebholeni lengabadi ezifana noDidier Drogba, waseCoter d’Ivoire noSamuel Eto’ waseCameroon.
Ephawula ngale mpumelelo yeBanyana umqeqeshi wayo osabambile uDesiree Ellis uthe: “Impumelelo yethu sonke. Ngihluleka ngisho ukuzibamba. Bengazi ukuthi sinethuba elihle lokuthi sidle umhlanganiso kule miklomelo. Kodwa ngesikhathi sekwenzeka ngempela ngazizwa izinyembezi zigcwala amehlo. Ngiswele amazwi okukhuluma.”
Uqhuba uthi: "Kodwa lena yimpumelelo eyisimangaliso ebholeni labesifazane eNingizimu Afrika. Ukubonga okukhulu kufanele kubhekiswe kubaxhasi bethu iSasol ngokuqhubeka nokusesekela nakuSafa ngokusinikeza ithuba lokudlala ezingeni lomhlaba.
“Sibonga bonke abaqeqeshi nabadlali beBanyana namaqembu adlala kwiSasol League ngoba bonke babambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni ibhola labesifazane ezweni.”
Ukuqokwa kweNingizimu Afrika kule miklomelo kube wumphumela wokunqoba indebe yeCosafa Women’s Championship, emqhudelwaneni obuseZimbabwe ngoSepthemba wonyaka odlule, obese kuyihlandla lesine.
Khona manjalo kube nokuphatheka kabi ngokuthi uThembi Kgatlana engaphumelelanga emkhakheni womdlali wesifazane ovelele wonyaka, othathwe ngu-Asisat Oshoala waseNigeria. Omunye obesembangweni nguGabrielle Aboudi Onguene waseCameroon.
Abadle umhlanganiso sebebonke bami kanje:
Women’s Player of the Year
Asisat Oshoala (Nigeria & Dalian Quanjian)
Women’s National Team of the Year
South Africa - Banyana Banyana
Club of the Year
Wydad Casablanca
Men’s National Team of the Year
Egypt
Coach of the Year
Hector Cuper (Egypt)
Youth Player of the Year
Patson Daka (Zambia)
African player of the Year
Mohamed Salah (Liverpool, Egypt)