UKUDLALA ngokulingana neCape Town City ekuhambeni kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 akumfaki amanzi emadolweni umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
URiveiro ukusho lokhu kulandela ukubambana kwePirates neCity ngo 1-1 kowomlenze wokuqala ngoLwesithathu eDHL Stadium, eKapa.
Kuyithathe imizuzu engu-15 ukuthi iPirates izithole isihamba phambili ngonyawo lukaRelebogile Mofokeng.
Yize iCity ibuye ngamandla emuva kwegoli kodwa unozinti wePirates, uSipho Chaine, ubelokhu elinqabele njalo iqembu lasekhaya ukuthi lilinganise.
Kubonakale umdlalo ohlukile nokho esiwombeni sesibili kwazise ezika-Eric Tinkler bese zihlasela ngamandla zisizwa nawukulahlekelwa kalula ibhola kwabadlali bePirates basesiswini.
Lokhu kuholele ekutheni amaCitizens alinganise ngegoli elishaywe nguJaeden Rhodes maphakathi nesiwombe sesibili.
Nakuba ukuhlukana kweziwombe kukhombe ukuthi womabili amaqembu abengawunqoba umdlalo kodwa uRiveiro ubona konke kusezandleni zePirates kowomlenze wesibili.
Uwavumile amaphutha lo mqeqeshi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, waphinde wakhala nangenkundla ayichaze njengebingekho esimeni esivumelana nendlela yabo yokudlala.
“Okungeke kuphikwe ukuthi womabili amaqembu abe neziwombe ezanele ukunqoba ngakho-ke mhlawumbe ukubambana yiwona umphumela ofanele,” kusho uRiveiro.
“Esiwombeni sokuqala konke bekuvuna thina kodwa kwesesibili bese kuyiqembu lasekhaya elihlasela ngamandla.
“Kunemizuzu engu-15 (kusukela ku-45 kuya ku-65) esiwombeni sesibili lapho besicindezele khona kwacaca ukuthi asinazo izimpendulo.
“Kuze kwabangcono sekungene u-Evidence (Makgopa) noGilbero kodwa nabo bekungelula kubona ngoba inkundla ibingekho esimeni esivumelana nendlela yethu yokudlala.
“Ngikholelwa ekutheni kukhona konke lokhu iPirates ibingawuwina umdlalo kodwa kwaba nalawo maphutha ambalwa engingangabazi ukuthi sizowalungisa.
“Kuseyikhefu kodwa okuhle ukuthi isiwombe sokugcina somdlalo sisenkundleni esiyijwayele lapho irekhodi lethu lizikhulumela khona kanti nabalandeli bathu bahlale bephume ngobuningi babo ukuzoseseka,” kuphetha uRiveiro.