ESINYE sezizathu eziseqhulwini ngokuthi isizini yeBetway Premiership ka-2023/2024 ibe ngenye abafisa ukusheshe bayikhohlwe abaxhumene neKaizer Chiefs wukuba buthuntu kwabagadli baleli qembu laseNaturena.
Emidlalweni yeligi engu-30 ngesizini edlule, Amakhosi aphumelela ukubhakuzisa inethi amahlandla angu-25 kuphela.
Ubufakazi balokhu ukuthi, u-Ashley du Preez, owafika ngelikhulu igidigidi ngo-2022 uyena obehlule bonke abadlali beChiefs ngokuhlohlwa kwamagoli ngesizini edlule lapho eshaye khona ayisithupha kuyona yonke imiqhudelwano.
URanga Chivaviro, Christian Saile noPule Mmodi basize iChiefs ngamagoli amane umdlali ngamunye sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Isobala iminyakazo yabaphathi beChiefs kwazise bangene bagxila emakethe yabadlali njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabo.
Akhona namahemuhemu okuthi basazimisele ngokwengeza kulaba asebevele basemabhukwini.
Kuyaqapheleka nokho ukuthi kubadlali abasayiniswe yiChiefs akekho kubona umgadli.
Njengoba iChiefs izodlala oweligi neMarumo Gallants namuhla ngo-6 ntambama eFree State Stadium, eBloemfontein, kusobala ukuthi umthwalo wamagoli usesemahlombe kaDu Preez, Chivaviro, Saile noMmodi.
UChivaviro uyakuqonda ubumqoka bokushintsha unyawo kule sizini.
Lo mgadli ufike kwiChiefs ngesizini edlule esuka kwiGallants abeyishayele amagoli angu-17 emidlalweni engu-30.
“Ukushintsha kwezinto kwiChiefs njengokufika komqeqeshi (Nasreddine Nabi), nethimba lakhe, kuvuse okuthile ekhempini. Ngakho-ke sonke siyabuqonda ubumqoka bokubhukula,” kusho uChivaviro.
“Ushintsho luhle ngoba lwenza wonke umuntu abone ithuba lesiqalo esisha. Ikhempu yeChiefs injalo kulezi zinsuku, wonke umuntu unentshisekelo entsha nethemba.
“Lokhu kuzoba wusizo kule sizini esizoyiqala ngoba ukhiye ulele ekutheni siqala kanjani. Uma siqale kahle kuzokhula ukuzethemba ngakho-ke kuyasiphoqa ukubuya nomphumela oncomekayo kwiGallants,” kuqhuba yena.
UChivaviro uchazekile ngendlela uNabi amkhuthaza ngayo kusukela beqale ukuhlangana eTurkey lapho iChiefs ibiwenzela khona amalungiselelo okuqala kwesizini entsha.
“Umqeqeshi (Nabi) akaliyeki ithuba lokungikhumbuza ukuthi bengivutha kanjani ngisekwiGallants yena esaqeqesha eTanzania.
“Lokhu kuyangicacela ukuthi uvukuza okuthile kimina ngakho-ke ngiphoqelekile ukuqhamuka nonyawo oluhlukile kunolwangesizini edlule,” kusho lo mgadli.
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla
Royal AM v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 3pm)
Marumo Gallants v Kaizer Chiefs (Free State Stadium, 5.30pm)
Polokwane City v AmaZulu (Old Peter Mokaba Stadium, 8pm)
Kusasa
Richards Bay v TS Galaxy (King Zwelithini Stadium, 3pm)
NgoLwesibili
Mamelodi Sundowns v SuperSport United (7.30pm)
NgoLwesithathu
Stellenbosch v Golden Arrows (Athlone Stadium, 7.30pm)
Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 7.30pm)
Sekhukhune United v Magesi (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)