INKAKHA yeBafana Bafana, uDelron Buckley, ithi kuzofanele abadlali beBafana Bafana bazinuke amakhwapha ngokungenzi kahle kwaleli qembu lesizwe, phezu kwengqalasizinda engcono kakhulu leli zwe eligabe ngayo uma kuqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika adonsa kanzima.
Yize iBafana igcine ikwazile ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo, kodwa iningi labathandi bebhola kaligculisekanga ngendlela elidlale ngayo kule midlalo yokuhlungela lo mqhudelwano.
IBafana igcine ishaye iLiberia ngo 2-1 emdlalweni womlenze wesibili kwiGroup K obesekuminciwe ukuthi iwunqobe kumnyama kubomvu obuseMonrovia, eLiberia, ngoLwesibili. Emlenzeni wokuqala ukudembesela kweBafana kwaholela ekutheni ibambane ngo 2-2 neLiberia kungenasidingo.
Exoxa neSolezwe ngoMgqibelo uBuckley uthe: “IBafana Bafana inabadlali abahle abadlala ekhaya, nabanye abadlala e-Europe (naseNorth America).
“Sikhuluma nje kulesi sikwata sakamuva iphethe iningi labadlali abahle beMamelodi Sundowns okuyiqembu elenza kahle nakwiCaf Champions League, nokwenza uzibuze ukuthi pho kungani kube nzima ukwenza kahle kule midlalo yokuhlunga ye-Afcon.
“Phezu kwalokho, leli zwe linengqalisizinda esezingeni elingcono kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika adonsa kanzima, kodwa asidlulayo ngoba ahlale ekwazi ukungena kwi-Afcon,” kusho uBuckley.
Eqhubeka nokuphawula uthe: “Into ehluphayo-ke wukuthi njalo izinto uma zingahambi kahle eqenjini lethu lesizwe, iminwe isheshe ikhombe kumqeqeshi, ekubeni nabo abadlali bethu uqobo kubonakala ukuthi abenzi okwanele ukufela izwe labo enkundleni.
“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi nabo abadlali bethu beqembu lesizwe abakhona njengamanje bakuqonde ukubaluleka kokumela izwe labo, nokuthi ukugqoka nje ijezi leqembu lesizwe kusho ukuthini ngempela.
Abadlali bakwamanye amazwe ase-Afrika adonsa kanzima akukho mabhonasi abawatholayo (njengabeBafana Bafana) kodwa phezu kwalokho bamela amaqembu abo ngokukhulu ukuzinikela.“
Uphinde waveza ukuthi akufanele iqembu lesizwe njalo kuhlale kuminciwe ngokuthi lizogcina likwazile yini ukungena kwi-Afcon noma kweyeNdebe yoMhlaba.
“Ngisasho namanje, ngisho kungalandwa muphi umqeqeshi, kodwa uma nabo abadlali bethu bengakhombisi ukuzinikela enkundleni, siyolokhu sikhale njalo nje sibukela amanye amazwe edlala kwi-Afcon naseNdebeni yoMhlaba,” kusonga uBuckley.
IBafana izosonga imidlalo yokuhlunga ngomdlalo wasekhaya neMorocco nayo esizibekisele indawo kwi-Afcon, ngoJuni 12.