KUBUYISWE oshwiba ngesivinini, u-Anrich Nortje, nomshwibi we-spin, u-Tabraiz Shamsi, eqenjini lesizwe labesilisa lekhilikithi elizodlala uchungechunge lwemidlalo emithathu ye-T20 ne-Pakistan.
Bobabili laba badlali selokhu bagcina ukudlala eqenjini lesizwe eNdebeni yoMhlaba yeT20 ngoJuni. UShamsi angase angabibikho emdlalweni wokuqala walolu chungechunge njengoba esadlala kwiGlobal Super League eGuyana.
Umdlali weWestern Province oshwibayo aphinde abhethe, uGeorge Linde, naye ufakwe kwelesizwe le-T20 okokuqala kusukela agcina ukudlala ngoJulayi ka-2021 ngenxa yefomu yakhe enhle emqhudelwaneni wasekhaya we-T20.
AmaProteas azoholwa nguHeinrich Klaasen njengoba ukaputeni ojwayelekile, u-Aiden Markram, engomunye wabadlali abazophunyuzwa. Abanye abangeke babhekane nePakistan kweyeT20 nguKagiso Rabada, Marco Jansen, Keshav Maharaj, noTristan Stubbs.
“Siyajabula ukuthi u-Anrich noTabraiz babuyile eqenjini. Isipiliyoni sabo kanye namakhono abo kuzoliqinisa ithimba lethu labashwibi, nokuzoba ukhiye uma sibhekene neqembu eliqinile lasePakistan,” kusho umqeqeshi weqembu lamaProteas leT20, u-Rob Walter.
“Siphinde sanika uGeorge ithuba kulandela ukwenza kwakhe ezibukwayo emqhudelwaneni wasekhaya, iT20 Challenge.
“Bonke esibabizile sebeke balidlalela iqembu lesizwe phambilini. Sibheke ukuqhubeka nokwandisa abadlali abakulungele ukudlalela amaProteas. Njengoba ezobe engekho u-Aiden, uHeinrich uyena ozohola iqembu. Ungumdlali onamava futhi okwaziyo ukuwufunda umdlalo.”
Lesi sikwati sizoqala amalungiselelo ngekhempu yezinsuku ezimbili e-Centre of Excellence, ePitoli, kusukela namuhla kuya ngeSonto, ngaphambi kokubhekisa amabombo eThekwini.
Umdlalo wokuqala weT20 uzobanjelwa eHollywoodbets Kingsmead ngoDisemba 10, ulandelwe emibili esondelene ezodlalelwa eCenturion naseWanderers ngoDisemba 13 no-14.
Iqembu lamaProteas elizodlala uchungechunge lweT20 nePakistan: Heinrich Klaasen (Titans) Ottneil Baartman (Dolphins), Matthew Breetzke (Warriors), Donovan Ferreira (Titans), Reeza Hendricks (Lions), Patrick Kruger (Warriors), George Linde (WP), Kwena Maphaka (Lions), David Miller (Dolphins), Anrich Nortje (Warriors), Nqaba Peter (Lions), Ryan Rickelton (Lions), Tabraiz Shamsi (Titans), Andile Simelane (Dolphins), Rassie van der Dussen (Lions).