INKUNZI esiluvava yomgadli we-Orlando Pirates, uJerry “Legs of Thunder” Sikhosana, ikhala ngokuqhela kukasihlalo u-Irvin Khoza eqenjini, ukushaywa ngesithende kwezingwevu zeqembu nokungalambeli impumelelo kwabadlali okudalwa wukushintsha kwendlela okwenziwa ngayo izinto.
Ngesizini ephelile iBucs ibihlanganisa iminyaka ewu-80 yasungulwa kodwa esikhundleni semibhiyozo iphenduke ihlaya ihluleka ukungena kwiTop 8 okokuqala ngqa selokhu kwaqala i-Premier Soccer League (PSL) ngo-1996. Lokhu kuboza kwePirates kuze kwenziwa ihlaya nguyena uKhoza emcimbini wePSL wokuklomelisa abenze kahle lapho ebhuqe khona iqembu lakhe ngokudla umhlanganiso ekudlaleni ngokulingana.
USikhosana uthe ukuwina imidlalo eyisithupha kuphela isizini yonke njengoba yenzile iBucs kukhombisa ngokusobala ukuthi iqembu kalisafani nakuqala. Selaphenduka laba yilapho abadlali bezenzela khona abakuthandayo.
USikhosana, onomlando wokushayela iPirates igoli eyadla ngalo iCaf Champions League ngo-1995, ubekhuluma ne-Supersport.com ngoMsombuluko kwethulwa umsiko omusha weBucs.
“Ngokwami kusemqoka ukuthi usihlalo abambe iqhaza eqenjini. Ngagcina ngazi ukuthi akufanele acasulwe usihlalo ngoba akekho ongazi ukuthi uma ediniwe uba njani. Singabadlali besazi ukuthi konke esikwenzayo akufanele simcasule usihlalo. Manje sekushonephi lokho? Kungenzeka kodwa nokuba matasa kakhulu kwakhe usihlalo kunomthelela. Njengoba eqhelile nje eqenjini izinto zilokhu ziyaqhubeka ziyonakala esikhundleni sokulunga,” usho kanje.
Ukhalile futhi uSikhosana ngokungabhekwa nangeso kwabadlali bakudala beqembu. Uthe ngokwakhe kubalulekile ukuthi basondelane nalaba badlali bamanje. Ufuna bakwazi ukukhuluma nabadlali uma bebona kufanele ngoba ngaphandle kwabo (izinkakha) abadlali ngeke bazi ukuthi badlalelani futhi badlalela bani.
“Angizami ukususa umsindo kodwa kusekhona uTeboho (Moloi) bekubonakala ukuthi kukhona umuntu wePirates omdala. Angisho ukuthi umsebenzi kaHarold (Legodi) noma okaBenson (Mhlongo) awukho kodwa kimina akuzwakali kahle ngoba ngiyazi iPirates ayikho kubona ngaphakathi. Ngenxa yesimo kwiPirates kudingeka umuntu ozoyenza le nto. Angizami ukubanyundela kodwa ngiyazi ukuthi mina ngingawenza lo msebenzi futhi ngimatasa ngiyazikhulisa ekuqeqesheni. Mhlawumbe uma ngingathola iziqu zami ngiyobhekwa ngeso,” kusho uSikhosana osanda kuthi uphupha ngokuqeqesha iPirates.
Khonamanjalo izolo ntambama okhulumela iChippa United, uLuthatho Zibeka, ubhale kwi-Twitter ukuthi uBrighton Mhlongo obeyibamba kwiPirates usengunozinti wabo ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu.
* Isolezwe libikile ngalolu daba ephephandabeni layizolo lapho uZibeko ethe akalwazi lusuka kuphi futhi bayoze bamemezele ngo-Agasti 3 ngezinguquko abanazo eqenjini.