YIZE iningi lamaqembu agijima kwiDStv Premiership esedlule ngomdlalo owodwa emidlalweni engu-15, okuyiyona okusongwa ngayo umzuliswano wokuqala kwesizini kodwa ukubuya kwemidlalo yeligi ngesonto elizayo kuthathwa njengokuqala kwangempela komzuliswano wesibili.
Isigaba sijwayele ukuba lukhuni kunesokuqala ngoba wonke amaqembu asuke esezimisele. Amanye abanga isicoco noma ukuzibekisela izindawo emiqhudelwaneni yeCaf, amanye azama ukuvika izembe kanti amanye asuke elwela ukuqeda kwiTop 8.
Iqembu elisenkingeni kunamanye ngasemsileni yiCape Town Spurs, esaqoqe amaphuzu amane kuphela emidlalweni engu-16, kusukela ikhushulelwe esigabeni esiphezulu ngesizini edlule.
Singconywana isimo kwiRichards Bay FC esendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-13 ngoba ingasele kakhulu emaqenjini anamaphuzu angu-18, iRoyal AM, iChippa United neSekhukhune United.
Njengenjwayelo amaqembu asuke elwela ukuhlala esigabeni esiphezulu esithathwa njengezwe loju ebholeni lakuleli, ajwayelekile ukusebenzisa iwindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari, ukuziqinisa ngabadlali abasuke bekhuhla ibhentshi emaqenjini abo futhi abasuke bengenamaqembu, nalabo abathembisayo abasuka emaligini aphansi noma kwinkulisa yeqembu.
Cape Town Spurs
Umqeqeshi u-Ernst Middendorp, usebenzise iwindi ukuthola abadlali abanamava wabuye wathatha nabanye abebegijima eqenjini elincane le-Urban Warriors.
Uqinise udonga lwasemuva ngokusayinisa uMogamad De Goede obengenaqembu, uGadiel Kamagi osuka kwiSingida yaseTanzania, noSiviwe Nkwali beno-Obakhe Tshaya, abaqhamuka kwinkulisa.
Indlala yamagoli bazozama ukuyilungisa ngabasesiswini uSiphesihle Maduna, osanda kukhululwa ngaMaZulu FC, noReece Braithwaite osuka eqenjini elincane.
Richards Bay
INatal Rich Boys ibingenayo inkinga yokuvuza emuva emzuliswaneni wokuqala kodwa indlala yamagoli iyona eholele ekutheni iqembu lizithole lingasemseni we-log.
Isayinise umgadli waseMalawi, uKhuda Muyaba, obedlalela iqembu laseSyria, iTishreen.
Lathatha abadlali abaphuma enkulisa yeqembu okungumgadli uBomelo Ntlonelo, abasesiwini Thandoluhle Gazu, Siphesihle Buthelezi nesitobha uSanele Zulu.
Royal AM
IThwihli Thwahla ayilitholanga ithuba lokusayinisa abadlali abasha ngenxa yesigwebo eyasinikezwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa. Lokhu kwenzeka ngemva kokwehluleka kwayo ukukhokhela owayengumdlali wayo, uSamir Nurkovic.
Kuchaza ukuthi uJohn Maduka, nethimba lakhe labaqeqeshi kuzofanele bathole ezinye izindlela zokufukula iqembu emidlalweni ezayo.
Chippa United
IChilli Boys ayenzanga izinguquko eziningi eqenjini ngaphandle kokubuyisa umgadli uBienvenu Eva Nga, osuka kwiPirates. Kubhekwe ukuthi iqembu libuye selinyathela ngonyawo olusha nabaqeqeshi abasha uThabo September, noKwanele Kopo, abathathe izintambo kuMorgan Mammila.
Sekhukhune United
Kubukeka sengathi umqeqeshi uLehlohonolo Seema, uyabathemba abadlali anabo njengobeyinsika yeBabina Noko ingakamemezeli ukuthi kukhona umdlali omusha ezobuya naye emzuliswaneni wesibili.