I-KAIZER Chiefs ikhumbule iminyaka edlule ngejezi layo elisha lasekhaya ezolidlubha ngesizini ka-2024/2025.
Leli jezi elithungwe yinkampani yase-Italy, iKappa, lethulwe yiChiefs. Sekuwunyaka wesibili Amakhosi ebuyelene neKappa eyayingabaxhasi bawo eminyakeni edlule. Ijezi lemidlalo yasekhaya liwumbala oyigolide, lishaya ngemigqa emnyama ebheke ezansi. Elasekuhambeni limnyama, linemigqa eyigolide ebheke ezansi.
Ngokusho kweChiefs, ijezi lasekhaya ihlonipha ngalo amajezi ayeqavile eminyaka edlule aleli qembu nomlando wayo eminyakeni engu-54 yasungulwa. Imigqa ebheke ezansi kwelasekuhambeni, iwumfanekiso wophaphe olude olusekhanda lenkosi ebhejini leChiefs okusho amandla nobumbano. Ukugqama kombala oyigolile kuwona womabili amajezi kuqhakambisa umoya wabalandeli abenza iqembu lizizwe lisekhaya kungakhathaleki ukuthi lidlala kuliphi idolobha, isifundazwe nezwe.
“Siyaziqhenya ngokwethula la majezi amasha aqhakambisa uthando nokuzigqaja kweKaizer Chiefs. Siyakholwa ukuthi le misiko izobagqugquzela abadlali bethu njengoba siqala isizini futhi bazolithanda abalandeli bethu abahlale bephume ngobuningi ezinkundleni noma ngabe sidlala kuphi. Yingakho le sizini siyinike isiqubulo esithi ‘Always Home’. Sibheke isizini enhle lapho iqembu lizoqeda khona iminyaka engu-55 lasungulwa, okuyingqophamlando esifuna ukuyibhiyozela nabalandeli. Okunye esikubheke ngabomvu kule sizini, wukubhiyozela iminyaka engu-80 yobudala kukasihlalo wethu, uDr Kaizer ‘Chincha Guluva’ Motaung,” kusho uJessica Motaung esitatimendeni, obhekele ezokumaketha kwiChiefs.
Ijezi kulindeleke ukuthi libize u-R1 200 ezitolo ezahlukene ezweni lonke na-online.
IChiefs izodlubha amajezi ayo amasha okokuqala uma isibhekene neYoung Africans SC yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup eToyota Stadium, eBloemfontein, ngeSonto ngo-3 ntambama.