I-KAIZER Chiefs isiphose ithawula ngomdlali we-Cape Town Spurs, u-Asanele Velebayi, iqembu lakhe elifuna imali eshisiwe ngaye.
Emasontweni adlule, lube sematheni udaba lukaVelebayi neChiefs ngesikhathi abaphathi beSpurs bedalula ukuthi Amakhosi afuna “ukumcosha phansi” lo mdlali abamkhulise kanzima.
Nakuba iChiefs ingakaze iphumele obala ngokuthi iyaxoxa neSpurs kodwa bekulokhu kuvela ukuthi imfuna uthuli uVelebayi ongomunye wabadlali abaphambili be-Spurs egawulwe yizembe kwi-Premiership ekupheleni kwesizini edlule emuva kokuqeda emsileni kwi-log.
ISpurs neChiefs sebevele badayiselene umdlali wasemuva uRushwin Dortley obengukaputeni weBafana Bafana emqhudelwaneni iCosafa Cup yakamuva eMzansi. Nokho izinhlangothi zombili aziyidalulanga imali ezidayiselane ngayo.
Kuvele ukuthi iSpurs ifuna u-R12 million ngoVelebayi ekubeni iChiefs ibizimisele ngokukhipha u-R4 million ngalo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala.
Umthombo ozazi zonke eze-Chiefs udalule ukuthi Amakhosi aseyidubile indaba kaVelebayi.
“ISpurs ibifuna ukudayisela iChiefs ithemba nje lokuthi uVelebayi uzoba ngumdlali ophezulu, ozophumelela eNaturena. Baningi ke abadlali abanjalo enkulisa yeChiefs. Ibingeke ikhiphe imali engaka ngomdlali ongakenzi lutho olutheni ebholeni. IChiefs isinqume ukuyiyeka indaba yalo mfana ngoba iSpurs ayifuni ukwehla kule mali eyifunayo. ISpurs ibulala ikusasa lomdlali ngoba useshilo ukuthi ufuna ukuhamba,” kusho umthombo.
Emasontweni adlule, isikhulu esiphezulu se-Spurs, u-Alexi Efstathiou, sithe uma iChiefs ingafuni ukukhokha le mali abayifunayo, uVelebayi uzoqhubeka nokudlala kubona kwiMotsepe Foundation Championship kodwa izobe ilahlekelwe ngoba iyamdinga. UVelebayi ubekhona ngesikhathi iSpurs idlala owokuvula isizini yeChampionship ne-University of Pretoria ophele zibambene ngo 0-0 ePitoli ngempelasonto edlule.
Izolo, imenenja yeSpurs, uShoes Mekuto, ithe: “Azisekho izingxoxo eziqhubekayo phakathi kwethu neChiefs. Ayiyeke ukulwelwa wumphakathi. Okumele ikwenze wukukhokha uma ifuna umdlali ukuze nathi sizokwazi ukuthola ozovala isikhala sakhe. IChiefs iyakwazi esikufunayo.”
NgoLwesibili kulalwe ngezidaba ezithi iSpurs isidayisele omakhelwane iStellenboch FC umgadli wayo ophambili u-Ashley Cupido, yona yathola uMervin Boji ohambe phambili ngamagoli kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngesizini edlule.