IFISA kungapheli ngoMkhosi woMhlanga itshitshi elina-73 elisaqhubeka nokuya kulo mkhosi ohlanganisa iminyaka ewu-40 wavuselelwa kabusha.
UNksz Ngipheni Ngcobo, waseMgungundlovu, uthe ufuna ukuthi uMkhosi woMhlanga uqhubeke nokudlondlobala akubone kule minyaka ewu-39 eyedlule.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngaphambi komkhosi wakulo nyaka ozoba sesigodlweni eNyokeni, ngempelasonto.
“Sengathi ungaqhubeka, ungapheli umhlanga, uze uficwe nayizizukulwane ezizayo. Izizukulwane ezizayo ziyojabula uma ziyifica le nto enhle kanjena.”
UMkhosi woMhlanga wavuselelwa kabusha iNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Dlamini-Zulu ngo-1984.
UNksz Ngcobo uthe uMkhosi woMhlanga usudlondlobele kakhulu uma uqhathaniswa nezikhathi owavuselelwa ngazo kabusha.
“Kwakungelula ngesikhathi uqala. Thina saqala ukuwuhamba kusewusizi. Lo buhle osebukhona esigodlweni babungakabi bikho. Ngisho namatende esesihlelelwa wona, ayengekho. Amatende esasilala kuwo amanye wawubona nje ukuthi alethwe abantu bendawo. Abantu babengebangaka. Manje usuyaduka emhlangeni uma ungaliqaphelanga itende enihlaliswe kulona.”
UNksz Ngcobo uthe eminyakeni eyedlule kwakuphuma imoto eyodwa ngakubo eyayihambisa izintombi emhlangeni, wathi manje sekuphuma inqwaba yamabhasi.
Nokho ukhalile ngokuthi mumva sithanda ukuncipha isibalo samabhasi akhishwa yizinhlaka zikahulumeni.
UNksz Ngcobo uthe ukukhula komkhosi nokushintsha kwezikhathi kudale izinkinga eziningi.
"Kwakunenhlonipho kuqala, izingane zazingakachwayizi kanje. Inkinga ukuthi izingane zikuthanda konke, zithanda ukuba izintombi zibuye zithande nobudala. Ngibuye ngisole onomehlo ngalokhu. Kuqala zazingenzeki le zinto esezenzeka manje.
"Manje sekuke kugobe umhlanga ezinganeni. Nginesiqubulo esithi 'umhlanga awugobi, kugoba intombi'. Noma ngabe kunomoya ongakanani umhlanga awugobi. Phela umhlanga into engcwele okufanele uyiphathe uze uyofika nayo esigodlweni. Laba bamanje bayaqhubeka bawuhambise umhlanga noma usugobile."
UNksz Ngcobo uthe uzobe ekhona nasemkhosini wakulo nyaka.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo ubematasa namalungiselelo.
ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sakhipha umyalelo wokuthi uNksz Ngcobo akangabe esahamba ngamabhasi athutha izimbali zesizwe ngenxa yeminyaka yakhe.
Imbube yayalela uMnyango wezobuCiko namaSiko ukuba uhlelele uNksz Ngcobo imoto ezomlanda uma kunomkhosi.
Ngonyaka odlule UNksz Ngcobo wahamba ngalolu hlelo.
Izolo uthe abomnyango bebengakaqinisekisi ukuthi uzolandwa yini nakulo nyaka, wathi uzogibela amabhasi uma abomnyango begcine bengamlandanga.