KUFANELE ukuba kubabangela amahloni abaxhumene namaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika ukufaniswa kweDStv Premiership neligi ‘yamakhehla’, okwaziwa ingakaqali ukuthi yiliphi iqembu elizodla isicoco, okuvamise ukudalwa wuhlobo lwabadlali asuke ebunjwe ngabo.
Ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership namuhla ebusuku kuphinde kuwuqalise phansi umbuzo othi: Kuwona wonke la maqembu akhona, yiliphi elinamava okuvimba iSundowns ekutheni idle lesi sicoco okwehlandla lesikhombisa kulandelana?
Ukuzichanasela kweSundowns edle esedlule ngamaphuzu angu-16, kufanele ukuba kubafakela amahloni abaphathi bamaqembu athathwa njengamakhulu kuleli ngoba okusobala wukuthi ukungagodoli kwayo (iSundowns) nemali kuyithelela izithelo.
Akuwona umlingo ukuthi iSundowns iyazenzela emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) kodwa wukuthi uma imfuna umdlali kayibuzi imibuzo eminingi, ishona ephaketheni ibuye naye.
I-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, neSuperSport United ngamanye amaqembu angabhekwa kule sizini ukuthi angakwazi ukushubisa embangweni weligi.
Asike kanjani la maqembu kuleli sizini:
Mamelodi Sundowns: Ngaphandle kukaCassius Mailula, obengumunye oyisibani esikhanyayo eqenjini laseChloorkop, oshiye wajoyina iToronto FC kwiMajor League Soccer (MLS), iSundowns kayizange ihlukane nabadlali abamqoka.
Kunalokho yengeze ngabanye, okubhekwe ukuthi bayiqinise njengoba kungangabazeki ukuthi phazulu kokulwela ukuvikela isicoco seligi, izobe ifuna ukwengeza ngezinye ezishwebe ngesizini edlule, okubalwa eseMTN8, Nedbank Cup neCaf Champions League.
Leli qembu likaRhulani Mokwena lisayinise uJunior Mendieta, obegqamile kwiStellenbosch FC, Lesiba Nku, obekwiMarumo Gallants, Thapelo Maseko weSuperSport noLucas Ribeiro, odabuka eBrazil.
Ukungabhidliki kweqembu iSundowns kuyizinkomba zokuthi nakulokhu ingalindelwa ukuthi ibe yingozi ezinkulu ezimbangini zayo.
Orlando Pirates: Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, usanda kuveza kwabezindaba ukuthi nakuba ejabule ngabadlali abasayinisile kodwa kuyamcacela ukuthi bazobe bebaningi kulokhu bejaha iSundowns.
IPirates iqinise ngoLesedi Kapinga obekwiSundowns, Melusi Buthelezi (TS Galaxy), Siphelo Baloni (All Stars FC), Katlego Otladisa (Marumo Gallants), Patrick Maswanganyi (SuperSport), noKarim Kimvuidi obedlala kwiMaritzburg United.
Zikhombisile ngesizini edlule ezikaRiveiro ukuthi yizona ebezingcono kunamanye amaqembu ngaphandle kweSundowns, okufakazelwa wukulala kwazo isibili.
EZimnyama kazigcinanga lapho kodwa zinqobe nezinkomishi ezimbili, iMTN8 neNedbank Cup. URiveiro uzisholo ngokwakhe ukuthi indlela asayinise ngayo kule sizini imenza abone bewushubisa nakakhulu umbango.
Kaizer Chiefs: IChiefs izoqala unyaka wesishiyagalolunye ingafaki lutho emgodleni wayo wezinkomoshi. Kulokhu ingenile nayo emakethe kodwa kunomuzwa wokuthi akwanele uma kungukuthi izinkulumo zabalandeli bayo ezinkundleni zokuxhumana kufanele zilalelwe.
Ngenxa yomlando yokuwola izicoco eminyakeni edlule, Amakhosi ayabalwa nakulokhu embangweni wesicoco. Yize leli qembu lingenile emakethe kodwa okufike kwakhingca abalandeli bayo, wukumenyezelwa kukaMolefi Ntseki ekubeni ngumqeqeshi othatha izintambo ku-Arthur Zwane, ohlulekile wukuletha injabulo eNaturena ngesizini edlule.
UNtseki akanamlando ekuqeqesheni esigabeni esikhulu. Waqeqesha kwiBafana Bafana, nakhona washiya esenuka iqaqa ngenxa yemiphumela engemihle.
I-Chiefs iqinise ngoGiven Msimango (Galaxy), Thatayaone Ditlhokwe (SuperSport), Ranga Chivaviro (Gallants), Mduduzi Mdantsane (Cape Town City), Pule Mmodi (Golden Arrows) no-Edson Castilo waseVenezuela.
SuperSport United: Leli qembu elingomakhelwane beSundowns ePitoli liqinise ngoTerrence Dzukamanja, obekwiPirates kwathi iCity yalanda abokufika. Ligcine noGrant Margerman odlala esiswini nonozinti uRicardo Goss, abangabanye abadlali abagqamile ngaphansi kukaGavin Hunt ngesizini edlule, elivusa ligcina liqeda endaweni yesithathu ngemuva kompetha iSundowns nePirates ebisendaweni yesibili.
Yize Amatsatsantsa a Pitori egconwa njengenkulisa yeSundowns ngenxa yokuhlale iyidayisela okhilimu bawo babadlali kodwa amagalelo kaHunt yiwona enza leli qembu libalwe njengelinye langaba yingozi kule sizini.
UHunt wakwazi ukunqoba izicoco ezintathu kulandelana nalel iqembu eminyakeni edlule khona lithathwa njengelihlale lakha. Indlela alihlanganise ngalo ngesizini edlule, lishaya ngesikwati esincane, kufanele nalo libhekwe njengelingaba yingozi.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Sekhukhune United v Mamelodi Sundowns (Peter Mokaba Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Lamontville Golden Arrows v Moroka Swallows (Mpumalanga Stadium); SuperSport United v Richards Bay (Peter Mokaba).
Ngo-5.30pm: Royal AM v AmaZulu (Harry Gwala Stadium).
Ngo-8pm: Stellenbosch v Orlando Pirates (Danie Craven).
NgeSonto - Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium); TS Galaxy v Cape Town Spurs (Mbombela Stadium).
Ngo-5.30pm: Cape Town City v Polokwane City (Athlone Stadium).