UGCINE eye "kwanhliziyo ngise" uKhama Billiat osesayiniswe yiZamalek yase-Egypt ngemuva kwesikhathi enyamalele wmuva kokunqaba inkontileka entsha abeyinikwa yiKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini.
Ukusayina kukaBilliat kwiZamalek engelinye lamaqembu amakhulu kwi-Egyptian Premier League, kusho ukuphela kokuqagela obesekuthathe isikhashana ngekusasa lalo mdlali.
Nakuba ingakabikhona imininingwane ephelele ngobungako benkontileka esayinwe nguBilliat kwiZamalek, kodwa imibiko yakamuva iqinisekisa ukuthi lo mdlali usesayinile kuleli qembu lase-Egypt.
IChiefs ibilokhu imile ekutheni isazimisele ngokuqala izingxoxo nalo mdlali ngenhloso yokumnika enye inkontileka entsha njengoba ubephelelwe yinkontileka ngoJuni, kodwa wavele "wanyamalala" akangaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
Imenenja kaBilliat, uGodfrey Bakasa, yamphendulela ikhomba leli qembu laseSoweto ngenjumbane ngokubheca lo mdlali ngobubende inyama engayidlanga, esikhundleni sokuba ngabe likhuluma nayo (imenenja), hhayi umdlali.
Empeleni lo mdlali odabuka eZimbabwe usayina kwiZamalek nje bekungesikho okokuqala eyamaniswa naleli qembu lase-Egypt.
Nangaphambi kokusayiniswa yiChiefs eminyakeni emihlanu edlule esuka kwiMamelodi Sundowns, wayevele ecathanyelwa yileli qembu laseNyakatho ne-Afrika.
Nokho, sekungumlando ukuthi uBilliat ojoyine iZimpofana ngesizini ka-2018/2019, kumasizini amahlanu eseNaturena akafinyelelanga neze kuleli zinga elalindeleke kuye, kwazise wayesuke kumaSandawana enza ezibukwayo.