KWALA kancane siphonse ithawula ngesikhathi singayitholi indawo eqenjini isitobha se-Orlando Pirates, uThabiso Sesane, esesiphenduke insika odongeni lwasemuva kuleli qembu.
USesane (24), odabuka eSoweto, ukhushulelwe eqenjini elikhulu leZimnyama ngesizini ka-2020/21 esuka eqenjini elincane leDStv Diski Challenge.
Udlale okokuqala esigabeni esiphezulu emdlalweni weNedbank Cup noThongathi FC. Wadlala neminye imidlalo emithathu ngaleyo sizini.
Ngesizini ka-2021/22 wabolekiswa kwiJomo Cosmos, kwathi ngeka-2022/23 wabolekiswa kwiCape Town All Stars.
Uthe ukuyiswa kwamanye amaqembu eseligqokile ijezi lezikaMagebhula kwacishe kwamqedela ithemba.
"Ngesikhathi bengiyisa kwiCosmos ngaqale ngazitshela ukuthi kusafana nokuthi ngisekhaya. Kodwa kwaba nzima ngokuhamba kwesikhathi. Bengihlezi ngikhala, ngitshela umama ukuthi ngicabanga ukuyiyeka yonke le nto," usho kanje ekhuluma ekhasini lePirates kwiYouTube.
"Ngesikhathi ngishiya kwiCosmos bese ngilahle ithemba. Besengibona sengathi sengizoba yilo mdlali ozobolekiswa emaqenjini ehlukene. Ngidlale imidlalo engu-15 kwiCosmos, ngesizini elandelayo ngathathwa yiCape Town All Stars."
USesane wafike wagqama kakhulu kuleli qembu lapho adlala khona imidlalo engu-29 yeligi esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24 waqale wajima neSuperSport United ngaphambi kokuthi abuyele kwiPirates.
Nokho injabulo yokujima neqembu ekhempini eyayiseNorth West yasheshe yashabalala ngesikhathi etshelwa ukuthi ngeke abe yingxenye yohambo lokuqala olwalubheke eSpain.
Uthe okwamqinisa idolo ukubhoboka ngosizi lwakhe kwinkakha yePirates, uHappy Jele.
"Kwakubuhlungu kakhulu. Ngabona kungcono ukuthi ngiyokhala phambi kukaHappy. Nguyena owangibonisa, wangitshela ukuthi kufanele ngiqine. Kwakubuhlungu ngoba ngangingasazi ukuthi ngimiphi neqembu,” uqhube kanje.
"Kwathi iqembu selibuyile eSpain ngaphinde ngabizwa futhi ngathola nethuba lokuxoxa nosihlalo (u-Irvin Khoza) owangibuza ukuthi ngikulungele yini ukudlala. Noma ngingawatholanga amathuba ngasekuqaleni kwesizini ka-2023/24 kodwa ngangingasacabangi ukuthi kuphelile ngami. Ngase ngizitshela ukuthi uma ngithola ithuba ngizolibamba ngazo zombili izandla.”
USesane uqale ukuthola ijezi kakhulu emzuliswaneni wesibili ngesizini edlule kanti ungomunye wabadlali osekwaziwayo ukuthi bayaqala kweZimnyama.
Umqeqeshi, uJose Riverio, uthe lo mdlali uyisibonelo esihle kwabalandela ezinyathelweni zakhe.
“USesane uyisibonelo sokuthi kufanele umdlali aziphathe kanjani. Wonke umuntu angafunda kuyena ukuthi kusho ukuthini ukubekezela uma uyingxenye yeqembu elifana ne-Orlando Pirates,” kusho uRiveiro.
“Ubekezelile ngaphandle kokukhononda. Akazange ehlise izinga lakhe uma iqembu liziqeqesha emakhempini noma emidlalweni yobungani. Akakaze akhombise muntu eqenjini ukuthi akeneme. Ubehlale esezingeni eliphezulu.
“Ngesikhathi lifika ithuba, wakhombisa ukuthi ulilungele futhi akakasiniki isizathu sokumkhipha eqenjini. Uyisibonelo kubo bonke abadlali abancane okungenzeka ukuthi bacabanga ukuthi asibanakile.”