UBONA imqinise ukhakhayi isizini yakhe yokuqala ezingeni eliphakame umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, osekuqinisekisiwe ukuthi izosongwa ehlulekile ukunikeza leli qembu isicoco.
Ngempelasonto, iChiefs iwashiswe ijezi ngomakhelwane bayo i-Orlando Pirates, yehlulwa ngo-2-1 esikhathini esengeziwe somdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup. Lo mqhudelwano ubuyithuba lokugcina kuZwane neqembu lakhe ukuthi balwele ukuqeda isizini befake indebe ekhabetheni leChiefs osekuphele iminyaka lilele izintuli.
Kusukela uZwane eqashelwe kulo msebenzi, abanye abalandeli bakhombise izimpawu zokukuthakasela ukunikwa kwakhe ithuba kodwa bekunenye ingxenye ebingakholelwa ekutheni usevuthwe ngokwanele yize bemthanda njengenkakha yaMakhosi.
Kunezikhathi lapho kule sizini ezosongwa maduze iChiefs ebibukeka khona sengathi izoliqeda ishobolo lendlala yezindebe kodwa kunezikhathi lapho bekuphinde kucace khona ukuthi uZwane usahlanganisa.
Ngesikhathi uZwane ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo wePirates, uveze ukuthi kuningi akufundile kwisizini yakhe yokuqala eyinhloko yabaqeqeshi.
“Kunemidlalo eminingi esigcine siphikwa kuyona imiphumela kule sizini kungafanele kodwa futhi kuneminye esiye kuyona sixhugela ngendlela eyisimanga ngoba abadlali bengekho ngezizathu ezahlukene,” kusho uZwane.
“Konke lokhu bekuhamba nezingqinamba kodwa engicabanga ukuthi mina nethimba lami sikwenzile okusemandleni ukubhekana nazo.”
IChiefs ishaywe ngamagoli kaKermit Erasmus noSandile Mthethwa (alishaye umdlalo usesikhathini esengeziwe) kwathi eleChiefs lashaywa uYusuf Maart.
“Ngifunde lukhulu ngesizini yami yokuqala. Kunemidlalo lapho imiphumela isiphikise ngenxa yamaphutha enziwe ithina.
“Angikwazi ukuzigxeka ngalokho futhi ngeke ngilwe nabadlali kangako ngoba ngiwumdlali enhliziyweni ngakho-ke ngiyazi ukuthi amaphutha eyenzeka enkundleni.
“Kukhona neyesimo sabadlali abaningi abathengwe iqembu ngenhloso yokuqinisa ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.
“Bonke labo badlali bebedinga isikhathi sokujwayela ukuthi sebedlalela iChiefs nokungena esitayeleni engifuna basidlale.
“Konke lokhu bekuyizithiyo kwisizini yami yokuqala kodwa iqiniso ukuthi senze kahle. Ngiyazi ukuthi besingenza kangcono kule sizini kodwa ngizishaya isifuba ngakho konke engikufunde kwisizini yami yokuqala,” kulandisa uZwane.
Mayelana nokuqhubeka kwendlala yezicoco ekubeni ebelandelwe ukuzoyiqeda, uZwane uthe umsebenzi uyaqhubeka.
“Ngimelwe ukuqeda indlala yezindebe kodwa-ke iqembu liyaqonda ukuthi okuningi bekukusha kule sizini njengokuthola indlela yokudlala nokunye.
“Kuningi okuthembisayo kangangokuthi sesilishayile igoli lokulinganisa kwiPirates, ngikholelwa ekutheni besinalo ithuba lokunqoba,” kusho lo mqeqeshi sakubalisa.
IChiefs iphume kweyandulela owamanqamu kwi-MTN 8 ihlulwa AmaZulu agcine enqotshwe yiPirates kowamanqamu alo mqhudelwano. KwiDStv Premiership esinqotshwe, yiMamelodi Sundowns, Amakhosi abambe indawo yesine ngamaphuzu awu-44 emidlalweni ewu-28.