UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uyamvikela umgadli wakhe uCaleb Bimenyimana ophikwa yizinto muva nje.
UZwane ukholwa wukuthi lo mgadli usengumdlali omqoka nosazolenzela okuninigi iqembu.
UZwane ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe ziguqise iRichards Bay FC ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
Yize iChiefs iwunqobile lo mdlalo ngegoli lomdlali wasemuva, uSiyabonga Ngezana kodwa umgadli ohamba phambili ngokushaya amagoli kuleli qembu, uBimenyimana, uzithole esehebezwa ngenye ingxenye yabalandeli baleli qembu abebejikisa izandla emoyeni bememeza bethi akakhishwe, kulandela ukugeja kwakhe oqekelele bamathuba esebhekene namapali kulo mdlalo.
Yize kungeyena yedwa uBimenyimana ohlulwe amagoli kulo mdlalo, kodwa ukuphuma iqhubu nalo mgadli kwenye ingxenye yabalandeli baleli qembu, kubukeka kuyinkomba yokuthi useqala ukuba nyamanambana kwabathile.
Nebala ugcine ekhishiwe ngesiwombe sesibili sekusele imizuzu engu-19 kuphele umdlalo, indawo yakhe yathathwa nguWandisile Duba.
“Njengomqeqeshi uhlale ufisa ukuthi wonke umdlali wakho ahlale esesimeni esikahle somqondo, ukuze akwazi ukwenza kahle enkundleni.
“UCaleb ungumgadli omuhle, futhi kusekuningi asazokwenzela iqembu. Eqinisweni nje akadlalanga kabi, ngoba ukwazile ukushayela ipali amahlandla ambalwa amanye amashodi akhe avinjwa ngunozinti, okuyinto edingekayo kumgadli. Ngeshwa-ke uyohlale engaphansi kwengcindezi ngenxa yokudlalela iqembu elinjengeKaizer Chiefs,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
Lo mgadli osayinwe ekuqaleni kwale sizini, uqale ethembisa kakhulu eshaya amagoli amqoka, ebuyisa ithemba kubalandeli baleli qembu ngokuthola umgadli obukhali.
Selokhu efikile useshaye amagoli ayisikhombisa kwiligi.
Ugcine ukushaya igoli ngoDisemba 31, iChiefs iguqisa iLamontville Golden Arrows ngo-2-0 koweligi.
Ngokubona ukuthi lo mgadli odabuka eBurundi, useqala ukusindwa ngumthwalo, leli qembu ngewindi likaJanuwari, libe selisayinisa uChristian Saile Basomboli esuka kwiNchanga Rangers yaseZambia.
USaile odabuka eDemocratic Republic of Congo obukeka ethembisa, usashaye igoli elilodwa waba ngumvusi wenyamazane kwelilodwa emidlalweni eyisithupha asayidlalile
IChiefs ibize emdlaweni neRichards Bay ihambela phezulu ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo-1-0, okukhombisa ukugcina umgqigqo wokunqoba emidlalweni emibili ilandelana.
UZwane uvumile ukuthi ezakhe zisakuthola kunzima ukugcina umgqigqo wokunqoba. “Kusenzima kithina ukugcina umgqigqo, nokuyinto esizama ngakho konke okusemandleni ukuyilungisa. Sizimisele kakhulu nokuqhubeka nalo mgqigqo esikuwona njengamanje ngemuva kwalo mdlalo wethu waseMlaza, ebesingenza kangcono kakhulu kuwona ukuba sikwazile ukuwasebenzisa ngendlela amathuba esiwatholile.”
Amakhosi okumanje asendaweni yesine kwi-log yePremiership, aphakathi kwamaqembu asethubeni lokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League kumbe kwiConfederation Cup ngokuphela kwesizini.
Asalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili emqoka yeligi okubalwa kuyo iMaritzburg United (ekuhambeni), Stellenbosch FC (ekhaya), iChippa United (ekuhambeni), iSuperSport (ekuhambeni) ukubala embalwa.