UZIZWA esenamandla okubhekana nomsebenzi wokufukula iqembu omunye wabaqeqeshi abasha baMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane.
Ngesonto eledlule, Usuthu lumemeze ukuthi uZwane osezocija leli qembu ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi kulandela ukuhamba kobengumqeqeshi uPablo Franco Martin.
Kwenzeka lokhu nje ubesenkulisa yeKaizer Chiefs, lapho ehliselwe khona ngesikhathi esuswa eqenjini elikhulu ngoJuni nyakenye.
Uthe ukusebenza nabadlali abasebancane ezinyangeni ezedlule kumnike isikhathi sokukhokha umoya, alungele ukubuyela esigabeni esiphezulu.
“Ngesikhathi ngisuswa eqenjini eliphezulu ngangilidinga ikhefu. Bengisebenza enkulisa yeqembu nabadlali abasebancane, ngiqinisekisa ukuthi zonke izigaba zibambisene futhi zenza izinto ngendlela ethile. Ngicabanga ukuthi lokho kungivuselele futhi kungisize kakhulu,” kusho uZwane.
“Mayelana nezinto ezishiwo abantu, angizifaki emqondweni. Ngiyaqonda ukuthi kuyingxenye yomsebenzi. Wonke umuntu unombono ohlukile futhi ngiyakuhlonipha lokho. Abantu bafaka imizwa yabo ebholeni, basuke bengabuswa yindelelo noma yinzondo.
“Bazosho noma yini abafuna ukuyisho, konke kuyahambisana. Abantu abathinteka kakhulu yizingane zami, hhayi mina. Ngineminyaka eminingi kakhulu ngikulo mdlalo. Kwadingeka ukuthi ngibabonise, baqonde ukuthi ubaba wabo ukusiphi isimo.
“Kufanele baziqhelelanise nezinye izinto, bagxile ekungesekeni ngoba nabo bayawuthanda lo mdlalo. Uma nginqobile bayajabula ngakho-ke kufanele bazi ukuthi kubanjani uma imiphumela emihle ingafiki.”
UZwane noVilakazi babhekene nomqansa wokuqeda irekhodi elibi loSuthu lokushaywa imidlalo emithathu ilandelana kwi-Betway Premiership. Uthe nakuba eqonda ukuthi lo msebenzi ngeke ube lula kodwa uzizwa ewulungele.
“Ngingumuntu oyijabulelayo ingcindezi. Nganginjalo ngisho ngisengumdlali. Ngiyabazi ubunzima esibhekene nabo. Kuningi okulindeleke kithi. Okuhle wukuthi ngizosebenza nabantu engibazi kahle,” uqhube kanje.
“Uma ngiqhathanisa naphambilini ngingasho ukuthi ingcindezi iyefana ngoba yonke indawo kubhekwa imiphumela. Sifuna ukusuka emsileni sizibeke endaweni engcono. Sifuna ukuqophisana namaqembu ahamba phambili.
Usuthu luzobuyela enkundleni ngomdlalo weLast 16 yeCarling Knockout lapho izobhekana khona neStellenbosch FC eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
“Umdlalo olandelayo ngowomkhumulajezi nokuyinto engicabanga ukuthi izosisiza kakhulu. Uma singaya emzuliswaneni olandelayo lokho kuzokhulisa ukuzethemba kubadlali,” kusho uZwane.