USEHLONZE ukulimala kwabadlali njengembangela yokudlala ugingqigongqo kweKaizer Chiefs umqeqeshi wayo, u-Arthur Zwane, okuyisizini yakhe yokuqala egixatshezwe lesi sikhundla.
NgoMgqibelo ngo-5.30 eFNB Stadium, ezikaZwane zizokwamukela iStellenbosch emdlalweni okulindeleke ukuthi ushube.
Lokhu kudalwa yifomu enhle yakamuva yala maqembu okuyiwe ekhefini leFifa eyokuyona.
IChiefs elele kweyesine ngamaphuzu awu-37, isinqobe emine kulandelana.
Emidlalweni esele yeDStv Premiership izobe ilwela ukuqoqa amaphuzu azoyisiza ukuyifaka emiqhudelwaneni yeCaf.
Iqembu elizoqeda endaweni yesibili lizodlala kwiCaf Champions League neMamelodi Sundowns esalelwe ngamaphuzu ambalwa iqinisekiswe njengompetha beligi. Eliqeda endaweni yesithathu lizodlala kwiCaf Confederation Cup.
Ngakolunye uhlangothi, emidlalweni eyisikhombisa edlule iStellies inqobe eyisithupha, yadlala ngokulingana kowodwa.
Nakuba kuyiwe ekhefini kuhamba kahle kuMakhosi kodwa kunesikhathi lapho eke adlala ibhola elingenamgqigqo.
Empeleni kubalandeli bawo kusenokukhathazeka ngalesi simo sokuhlulwa ukugcina umgqigqo.
"Akubanga lula neze kimi nakwabanye abadlali abafikayo eqenjini. Sibe nabadlali abaningi abalimele, saphinde sehlelwa izimo ebesingeke sizilawule.
“Ezinye zazo kube ukuba nabadlali abamisiwe ngenxa yamakhadi. Lokhu kwenze iqembu lethu laphazamiseka, kwaholela nasekutheni sihluleke ukubamba umgqigqo. Kusibulele lokhu," kubeka uZwane kwabezindaba ngoLwesine.
Uqhube wathi ngaphambi komdlalo weStellenbosh basabhekene nenkinga efanayo, lapho ebele kanje:
"Ngikhuluma nje, angazi ukuthi ngoMgqibelo obani abazodlala. Omunye ongeke adlale uYusuf Maart olimele. Kuphazamisekile ukujima kukaDove (Edmilson) noCaleb (Bimenyimana) njengoba bebebizwe ngamazwe abo.
“Sinabadlali abangakalulami ngokuphelele. Asikabi nesiqiniseko sokuthi bazokwazi yini ukumelana nemizuzu ewu-90. Empeleni asazi nanokuthi sebekulungele yini nokuhlala ebhentshini.“
Khona ekhala uZwane kodwa ubonge abadlali bakhe ngokuyibamba ishisa.
"Ukube bekungekhona ukuzimisela kwabo ngabe sisalwela ukuba semaqenjini akwi-Top 8. Sizoqhubeka nokulwa ukuze siqede endaweni yesibili, siyiChiefs kumele sithole imiphumela ezogculisa abalandeli bethu.
“Empeleni silandela iMamelodi Sundowns ngokwakha amathuba amaningi. Umehluko ukuthi yona isebenzise awu-80%, thina sashaya amagoli awu-27 kuphela.
“Angiphiki ukuthi emuva sibile nawo amaphutha emidlalweni edlule. Nakhona yithi ebesipha izitha amagoli," kusho kanje uZwane.
USteve Barker ocija iStellies uveze ukuthi ukuqoqa amaphuzu emidlalweni yakamuva kwenza abadlali bakhe baqhubeke nentshisekelo yokunqoba nakoweChiefs.
"Umdlandla uphezulu kubadlali bami. Sifuna ukuqeda iligi sisendaweni enhle. Konke kuzoqala emdlalweni weChiefs. Kuzoba umdlalo onzima, nayo isemgqigqweni omuhle njengathi. Ngijabulela ukuthi zonke izethenjwa zami zizobe ziphelele," kubeka uBarker.
Uthe unethemba lokuthi isipiliyoni sabadlali bakhe abahlanu abebebizelwe eqenjini lesizwe lika-Under 23 sizolisiza kakhulu iqembu lakhe.