KUSILELE ukuthi alibeke ngembaba umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, elokuthi ubona insephe kanozinti wakhe u-Itumeleng Khune, iyinhliziyo yaleli qembu lasePhefeni.
Ukuxinwa wukulimala kula masizini okungenani amathathu akamuva nokukhula, kunike isithombe sokuthi sezibaliwe izinsuku zikaKhune enkundleni.
Eqinisweni kuke kwaba nesikhathi la kubukeka ezochithwa khona nabadlali abanjengoBernard Parker.
Nakule sizini, kungeyokuqala uZwane eyinhloko yabaqeqeshi, uKhune ubesemuva embangweni wejezi ebhinciselwa nxanye nguBruce Bvuma noBrandon Pietersen.
Nokho emidlalweni yakamuva, owokuvala u-2022 abanqobe kuwo iLamontville Golden Arrows nowokuvula u-2023 abehlulwe kuwo yiSekhukhune United, nguKhune obesezintini futhi egqoke nebhande likakaputeni.
“Umdlali onjengo-Itu uyamdinga engumqemane enkundleni nangaphandle ngezizathu ezahlukene okubalwa kuzo amagalelo akhe obuholi nokulekelela enkundleni nangaphandle ngenxa yezinto asezizuzile njengomdlali nanjengomuntu nje,” kusho uZwane kwesinye isithangami nabezindaba.
“Uyamdinga ukuba asize ekuthuthukeni kwabadlali abanjengoBruce, Brandon nabanye abadlali. Sikhuluma ngomuntu obuya ekugibeleni isitimela esuka eCharltonville ebheke e-Orlando (elandisa ngenyathuko kaKhune engena ebholeni).
“Sonke siphiwe ngezindlela ezingafani. UKhune usamelwe wukuklama indima emqoka ekusizeni abadlali bakuqonde kahle ukuthi kusho ukuthini ukudlalela iqembu eliseqophelweni leKaizer Chiefs. Ukuze udlale ibhola elinomgqigqo, kumele ukuqonde obhekene nakho.”
UKhune nguyena mdlali osebe semabhukwini eChiefs isikhathi eside ukubedlula bonke adlala nabo kwiChiefs kulezi zinsuku.
Unyukele eqenjini elikhulu leChiefs ngo-2004.
Uzakhele ugazi ezintini kangangoba usheshe walenza elakhe ijezi nakwiBafana Baana agcine eyivimbela isingethe i-2010 Fifa World Cup.
Izinkulumo ezifana nale kaZwane zinika isithombe sokuthi unekusasa ngisho nangemuva kokudlala kwiChiefs uKhune, ngoJuni ohlanganisa iminyaka engu-36.
Lo nozinti waseNorth West uvele useqalile ukwenza izifundo zakhe zokuqeqesha.