UNCOME iqembu lakhe ngokuvuka emaqandeni esiwombeni sesibili ngesikhathi lithela phansi iMaritzburg United ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane.
Amakhosi abesehamba phambili ngo 2-0 kungakahlangani nemizuzu eyishumi kulandela amagoli kaKeagan Dolly noChristian Saile. Nokho la maqembu aye ekhefini esebambene ngo 2-2 ngemva kokuthi iTeam of Choice ibuye ngamagoli kaRafiq De Goede no-Amadou Sokouna.
Igoli elinikeze ezikaZwane amaphuzu amathathu kube yiphenathi evalelwe nguYusuf Maart ngomzuzu ka-76.
“Siwuqale kahle umdlalo, besiwuphethe emizuzwini engu-20 yokuqala sakwazi ukuthola amagoli amabili. Ngemuva kokushaya igoli lesibili besicabanga ukuthi umdlalo uzoba lula kwazise besithole nenqwaba yamathuba,” kusho uZwane.
“Ngenxa yalokho sizifakele ingcindezi sabavumela ukuthi babuye, Besazi kamhlophe ukuthi banabadlali abakwazi ukuphonsa amabhola ayingozi futhi bashaya amakhona amahle kodwa senze iphutha ngokubavumela ukuthi bawathole lawo mathuba.
“Besivele silindele ukuthi ngeke badlale ibhola elihehayo ngenxa yesimo abakusona kodwa bazolwela ukuthola amaphuzu ngokusebenzisa amandla nezindlela ezisheshayo zokuhlasela.
“Ngesikhathi sekhefu kudingeke ngikhumbuze abadlali ukuthi uma kwenzeka sihlulwa kulo mdlalo kumele sizisole thina. Siphinde sabafaka ngaphansi kwengcindezi ngesiwombe sesibili, nokuphoqe ukuthi benze iphutha elidale iphenathi.”
Bekumqoka ukuthi ezasePhefeni ziwathole ephelele amaphuzu kulo mdlalo kwazise zisembangweni wokuqeda endaweni yesibili nezimbangi zazo, i-Orlando Pirates, kanye neSuperSport United, esahleli kule ndawo ehambisana negunya lokudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
EzikaMagebhula ezisendaweni yesithathu, zinamaphuzu alinganayo neChiefs njengoba zifinyelele kwangu-37 ngemuva kokwehlula i-United enangu-39.
UZwane uthe akazange athuke ngesikhathi iqembu lasekhaya libuya ngoba ubekholwa wukuthi iqembu lakhe linabadlali abayingozi abenele abangakwazi ukushaya amanye amagoli.
“Bengikholwa wukuthi uma siphinde siqala ukulawula umdlalo singawakha amanye amathuba futhi sikwazi nokushaya amagoli, inqobo nje uma kusekhona abadali abanjengoChristian, Ashley (Du Preez) Keagan noMdu (Shabalala) enkundleni,” kusho uZwane.
"Nakuba besingenza kangcono, futhi kusobala ukuthi kufanele sithuthuke, sizoqhubeka nokulwela imiphumela emihle nokusebenza kanzima size sifike ezingeni esilifunayo."
Emdlalweni olandelayo weligi, iChiefs izokwamukela iStellenbsoch ngo-Ephreli 1.