UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uthumele umyalezo kubalandeli baleli qembu obekungokokuqala ephefumula kulandela isidubedube esisuke ngempelasonto edlule lapho ephume eRoyal Bafokeng Stadium, esekakwe amaphoyisa beqeda ukushaywa iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership.
Amakhosi azosonga isizini yawo ngomdlalo neCape Town City kusasa ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
Ingxenye yabalandeli ababeseRoyal Bafokeng yavukwa ulaka oluhambisana nodlame kulandela umphumela owawuqinisekisa ukuthi Amakhosi ngeke esayimela iPremier Soccer League (PSL) emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.
Laba balandeli bajikijela abadlali beChiefs kwaze kwalimala uZwane owaphuma enkundleni esekakwe amaphoyisa ngenhloso yokumvikela. Ngokusho kweChiefs ngesitatimende esikhiphe kuleli sonto, uZwane walimala ebusweni ngokushaywa ihawu lamaphoyisa ayemvikela.
Lo mqeqeshi oyinkakha yeChiefs, ozobe ehleli ebhentshini kusasa, utshele abalandeli beChiefs ukuthi uyakuqonda ukunengeka kwabo ngesikhathi esifanayo wabathembisa ukuzikhohlwa lezi zikhathi abadlula kuzona uma seliqala lihlabana futhi iqembu.
Ngesikhathi ebuzwa ithimba labezindaba laleli qembu ngedlanzana labalandeli elakhombisa izimpawu zokunengeka uthe:
“Abalandeli beChiefs ngibazi behlala neqembu ngisho ngabe kubi kangakanani.”
Uqhube wathi: “Ngiyabaqonda ukuthi bafuna ukuthi iqembu libe sesimeni esingcono kunalesi elikusona. Akusihleli kahle kwathina ukuthi namanje isimo asikalungi ngoba besizitshele ukuthi kuyoshaya lesi sikhathi izinto sezihlangene.
“Uma usesimeni esikusona njengeqembu kujwayelekile ukuthi nezihibe zibe ziningi. Abalandeli beChiefs bahlale besezingqondweni zethu.
“Ukubajabulisa iyona into esiphupha ngayo ngaso sonke isikhathi. Engingabathembisa kona ukuthi izinsuku zenjabulo ziyeza. Bazophinde bajabule futhi njengeqembu bazikhohlwe lezi zikhathi ezinzima esidlula kuzona.
“Nabo bazomamatheka njengabanye abalandeli maduze kwazise sifunde okuningi kule sizini yokuqala okuzokwenza nokuhlelela le ezoqala, kungabi nzima kangako.”
Uma iChiefs ingawuphumeleli lo mdlalo, iCity izoyigudluza endaweni yesine kwazise bahlukaniswe amaphuzu amabili neCity. Ukuhlulwa kwayo kungasho irekhodi elibi lokuhlulwa kwisizini eyodwa, isivele ime emidlalweni ewu-11, okuqalayo ukwenzela kwiPremier Soccer League. EzikaZwane sezihlulwe kathathu emidlalweni emine edlule.
Injini yamaCitizens, uThabo Nodada, ithe, kuzoba umdlalo omnandi lona abaya kuwona naMakhosi.
“Kuzoba umdlalo omnandi ikakhulukazi kubalandeli kodwa akukho okuhlukile ngawo ngoba sibhekene neqembu elinzima kanti nathi sinzima. IChiefs ikhombisile kule sizini ukuthi iyiqembu elihlanganayo kodwa kuzoba mnandi ukwazi ukuthi ngisonge isizini ngokuwina umdlalo onzima,” kusho lo mdlali ethimbeni leCity labezindana.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa - Ngo-3pm: Chippa United v Golden Arrows (Nelson Mandela Bay Stadium); Sekhukhune United v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium); Swallows v Marumo Gallants (Dobsonville Stadium); AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium); Stellenbosch v TS Galaxy (Danie Craven); Kaizer Chiefs v Cape Town City (FNB Stadium).