AKANALO uvalo noluncane ngomsebenzi wakhe kwiKaizer Chiefs umqeqeshi waleli qembu, u-Arthur Zwane, osolwa ngokuthembela kakhulu kubadlali abasebancane, noma sezimnetha.
Injumbane ebhekiswe ngakuZwane nje, usanqobe imidlalo eyisikhombisa kuphela kwengu-16 yeDStv Premiership, iqine ngeledlule ehlulwa ngaMaZulu FC ngo 4-0 ebophele abadlali abasebancane beyisigamu esikwatini sakhe.
Yize echazile ukuthi lokho kufunzelelwe wukungabi khona kwenqwaba yabadlali asebeqinile, ngenxa yezimo ezahlukene, akuzivimbanga izinkulumo ezibuza ukulungela kwabo iMamelodi Sundowns ababhekana nayo eFNB Stadium, eSoweto namuhla ngo-8 ebusuku.
Eqinisweni, ugcine ufikile umbuzo ngekusasa lakhe ekuholeni ithimba labaqeqeshi beChiefs, okuyitoho aliqale kule sizini emuva kokubamba nokuba yiphini phambilini.
“Ukukhuluma iqiniso, anginalo uvalo. Buka kula amanye amasizini ukuthi sifikephi ngomqondo wokusuka ngegiya eliphezulu. Singenza isibonelo ngamaqembu, angiye e-Europe eqenjini i-Arsenal (iqhwakele kwi-log ye-English Premier League). Kuyimanje bavuna izithelo zokuba nesineke nethimba labo labaqeqeshi,” kusho uZwane.
“Vele uhlezi uzowukhomba (umuzi onotshwala) ngokuthembela kubadlali abasebancane. Uhlezi uzowukhomba onotshwala ngokugqoza kwemiphumela.
“Kodwa iqiniso wukuthi ngisho ungagcina ushintshwe ngomunye ngomuso, lowo oyofika, uyofica iqembu eselihlangene ngenxa yomsebenzi awenzelwe nguwe, umphendulela isoyi.
“Uyothola iqembu eselikwazi ukuqhwanda imiphumela ngoba lizobe selinendlela eliyiqondayo yokudlala, yokusebenza ngokubumbana, eseliziqonda lona ukuthi lingubani, kangangoba ngisho kufika (umdlali) oqhamuka ngaphandle, kuzoba lula ukumfaka ohlelweni afikele kulo.
“Isimo seqembu yisona esizobe sesizihlungela uhlobo lwabadlali abalifanele. Akuhlangene lokhu no-Arthur Zwane.”
“Yingakho ngingenalo uvalo lokulahlekelwa ngumsebenzi wami. Ngesikhathi ngiwuthatha, bengikuqonda kahle ukuthi kuzofanele nginike abanye abantu amathuba. Engingakwazi-ke wukuthi ngizoba khona isikhathi esingakanani.”
Lo mqeqeshi ukugcizelele ukuthi usenza khona ngqo lokhu iqembu elimjube kona.
“Njengamanje nginomsebenzi ongihlalele futhi ngenza khona ngqo lokhu iqembu elijube ukuba ngikwenze,” kusho uZwane.
IChiefs isike yaguqa ngo 4-0 kwiSundowns kule sizini kodwa kumasizini amabili edlule, ike yaba yimpendulo ekunqandeni iSundowns nakhona ebingasashayeki.