USENETHEMBA lokuthi iqembu lakhe alikaphumi embangweni wokuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, nakuba lilahle amaphuzu libambana ngo-1-1 neMarumo Gallants emdlalweni odlule weligi.
Njengoba Amakhosi eqoqe iphuzu elilodwa kuphela ngempelasonto, izimbangi zawo i-Orlando Pirates zishaye iChippa United ngo-2-0 kwathi iSuperSport United yathela phansi iTS Galaxy ngo-2-0.
EZimnyama naMatsatsantsa babambene ngamaphuzu angu-43 ngemuva kwemidlalo engu-25 kodwa yiqembu lase-Orlando elibambelele endaweni yesibili ngenxa yokungenelwa ngamagoli amancane. IChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu angu-41.
Iqembu elizoqeda isibili lizozibekisela indawo kwiCaf Champions League, elizolala endaweni yesithathu lizodlala kwiCaf Confederation Cup nelizodla isicoco seNedbank Cup.
UZwane ukholwa wukuthi kuningi okusengenzeka emidlalweni emihlanu esele, ikakhulukazi njengoba besazogadulisana neSuperSport ngenyanga ezayo.
“Kusasele imidlalo emihlanu, kuningi okusazodlalelwa. Kungenzeka noma yini. Maningi amaqembu alwela ukuvika izembe nafuna ukungena kwi-Top 8. Ayikho imidlalo elula kuwo wonke umuntu,” kusho uZwane.
"Yebo, besingawathola amaphuzu agcwele kulo mdlalo. Kuzomele sibuyele emuva silungiselele olandelayo ozokuba ngemva komdlalo weNedbank Cup. Ngeke siphele amandla. Yibhola leli.
“Kwesinye isikhathi uzithola ukulesi simo. Sizifake thina lapha ngoba besinethuba lokwenza izinto zibe ngcono. Konke kusezandleni zethu ngoba sisazodlala neSuperSport. Lona ngumdlalo webhola, siyazi ukuthi singenza kangcono.”
Emdlalweni neGallants, ezikaZwane zigadle kuqala ngegoli elishaywe ngu-Ashley Du Preez esiwombeni sokuqala kodwa uRanga Chivaviro utholele iBahlabane Ba Ntwa elokulunganisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
UZwane ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ukuthi bangazitheli ngabandayo uma besheshe balithola igoli ngoba lokho sekuholele ekutheni balahle amaphuzu kweminye imidlalo.
“Uma ubheka imidlalo esilahle amaphuzu kuyona yimidlalo esithole kuyona igoli ngasekuqaleni komdlalo esiwombeni sokuqala. Kwenzeke kalula ngenxa yeminyakazo esibe nayo nendlela esiphase ngayo ibhola. Ngicabanga ukuthi abadlali bagcina sebecabanga ukuthi kuzoba lula ukuthi siphinde sishaye igoli,” kuqhuba uZwane.
“Kuthi uma uqhubeka umdlalo izitha ziye ngokuya zikhushukelwa yizinga lokuzethemba, zikholwe ukuthi zingalithola igoli lokulinganisa. Kwenzeke kanjalo kulo mdlalo (neGallants).
“Yingakho ngingavamisile ukuncoma abadlali uma senza kahle ngoba kwesinye isikhathi kubenza bakhululeke. Bavele bacabange ukuthi izinto zizozenzekela esikhundleni sokwenza ukunqoba imidlalo kube wumkhuba eqenjini. Bekufanele ngabe sinqobe okwesithupha kulandelana futhi lokho bekuzokhuphula ukuzethemba.
“Kodwa-ke bekungaba kubi kakhulu kunalokhu. Kumele silamukele leli phuzu bese sibheka umdlalo olandelayo womkhumulajezi, lapho sizolwela khona ukuya emzuliswaneni olandelayo.”
IChiefs izobhekana neRoyal AM emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup ngeSonto ntambama.