NGOLWESIBILI ebusuku umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, uqede ukuqagela ngozoba inhloko yabaqeqeshi kwisizini ka-2023/24 ememezela uPablo Franco UMartin (43) waseSpain.
Umsayinise iminyaka emithathu. Uvale isikhala esishiywe u-Ayanda Dlamini obebambe izintambo ngenxa yokugudluzwa kukaRomanian Folz waseFrance maphakathi nesizini edlule, ohluleke wancama ukuthola imiphumela emihle.
UMartin owethiwe uZungu isiteketiso esithi Cijimpi, kwinhlolokhono ushaye amakhanda abaqeqeshi abanjengoLuc Eymael waseBelgium no-Alfons Groenendijk waseNetherlands. Ezinsukwini ezedlule, kuke kwavela negama likaGavin Hunt ocija iSuperSport United nawamanye.
UMartin kwi-CV yakhe kuvela ukuthi une-Uefa Pro License. Kukhona neziqu zeMasters kwiPhysical Activity and Sports Science nezeMasters yeFootball Analysis. Nokho okuqaphelekayo ngerekhodi lakhe ukuthi akahlali isikhathi eside kumaqembu aseke wawaqeqesha.
Ugcine ukusebenza kwiSimba yaseTanzania ngo-2021/22, wayekade efike ngayo le sizini. Unqobe nayo iMapinduzi Cup, walala endaweni yesibili KwiTanzanian Premier League, wafinyelela kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup.
Ngo-2014/15, unyusele kwiLa Liga iGatafe yangakubo. Ngesizini elandelile, wakhonjwa indlela. Uke waba nayiphini lomqeqeshi kwizinkunzi zeLa Liga, iReal Madrid ngaphansi kukaJulen Lopetegui ngo-2018/19.
Ngesikhathi uZungu ememezela uMartin, ugcizelele ukuthi ufuna asize iqembu liqede emaqenjini amane aphezulu kwisizini ezoqala.
Kweyedlule, Usuthu alenzanga kahle, lusonge kunombolo-12 kwiDStv Premiership. UMartin kuleli uzojoyina omunye umqeqeshi waseSpain, uJose Riveiro onqobe izindebe ezimbili kwi-Orlando Pirates.
USithembiso Mkhize (SM) ukhulume noSandile Zungu(SZ) ukuthola kabanzi ngokumenze waqasha lo mqeqeshi:
SM: Kubo bonke abaqeqeshi abebefake izicelo zokucija uSuthu kungani uqome ukuqasha uMartin?
SZ: Ngaphambi kokumnika inkontileka senze uphenyo olunzulu ngaye. Simqashe ngoba unolwazi olujulile ngebhola lase-Afrika. Besifuna umqeqeshi ophinde abe nolwazi ngebhola lomhlaba nelesimanje (morden football). Sichazwe nawukuthi emhlabeni abaqeqeshi baseSpain nabake baqeqesha kwiLa Liga, benza kahle kakhulu. Sihlatshwe umxhwele nayizindlela zakhe zokufaka abadlali endleleni. Kula masizini abaKwaZungu besebholeni, benzelwe phansi kakhulu ngabadlali ngokuhlulwa ukuziphatha. Ngeke sisakubekezelela nakancane lokho.
SM: Kungabe ubona lifezeka iphupho lakho lokuqeda kwi-Top 4 ekubeni kuzobe kuyisizini yokuqala kaMartin?
SZ: Kulokhu kangingabazi, sizoqeda kwi-Top 4. Kwinhlolokhono uMartin ungihlabe umxhwele kakhulu. Ngikubeke kwacaca ukuthi angalubhadi oSuthwini uma ezohlulwa yilokho. Nakubadlali ngesifanayo, ngeke sibasayinise abangakuqondi engikufunayo. UMartin sizomthengela bonke abadlali azobafuna. Asifuni akhale ngathi. Sihlazeke kakhulu ngesizini edlule.
SM: Mayelana namaphini, nizomisa kanjani?
SZ: Sizomnika yonke inkululeko yokuthatha izinqumo. Kwezinye zazo ukuthi afike nalo lonke ithimba labaqeqeshi. Ngemuva kwekhempu sizozwa ngaye ukuthi ibaphi abadlali afuna bagcinwe nokumele bahambe. Uzophinde abe nesandla kwabazosijoyina. Kule sizini sifuna ukuqala ukudlala ibhola esizokwaziwa ngalo noma kuphi. Ngesizini edlule besiyinhlakanhlaka. Sifuna kushaye u-2032 esizohlanganisa ngawo iminyaka ewu-100 iqembu lethu selibalwa namakhulu e-Afrika.
SM: Ezinsukwini ezedlule kuvele ukuthi seniqede konke nomqeqeshi u-Eymael waseBelgium. Isiphi isizathu esinenze nashintsha umqondo?
SZ: Angithandi ukuphawula ngabaqeqeshi akade beshiwo ngabezindaba. Yingakho nangesikhathi ngimemezela uMartin njengomqeqeshi wethu omusha, ngingawadalulanga amagama abanye akade befake izicelo zomsebenzi.
SM: Ngaphandle kwezinto ezizuzwe uMartin, kungabe nokusebenza kwakhe kwiLa Liga kunihehile ukuthi nimsayinise?
SZ: Impela ukwenyusa iGatafe nokuba yiphini lomqeqeshi kwiReal Madrid, kungokunye okusichazile. Njengoba ngike ngasho, abaqeqeshi baseSpain benza kahle kakhulu kwibhola lesimanje. Bheka izimanga ezenziwa uPep Guardiola kwiManchester City nomqeqeshi wePirates (Jose Riveiro). Ngaphandle kwalokhu, sichazwe nayimpumelelo yakhe kwiSimba.
SM: Limi kanjani ikusasa lika-Ayanda Dlamini obebambe izintambo noselisize isikhathi eside iqembu?
SZ: Kuqashwe uMartin vele seyiphelile inkontileka kaDlamini. Osuthwini kufana nekhaya lakhe lesibili. Sisazohlala phansi sibone ukuthi simisa kanjani ngendaba yakhe.
SM: Kungabe uMartin uzotheleka nini kuleli nokuthi umsebenzi uzowuqala nini?
SZ: Uzotheleka ngesonto elizayo. Sihlela ukuthi uCijimpi ahlangatshezwe ngamabutho esikhumulweni sezindiza. Asisekho isikhathi, uzothi efika abe eqala umsebenzi.