UTHEMBISA ukuqinisa isandla kubadlali abaphuma endleleni umengameli waMaZulu, uSandile Zungu.
Ngesizini edlule uSuthu luke lwamisa abadlali ngenxa yezizathu ezehlukene, abanye badedelwa babuye babuyiselwa eqenjini.
Kuke kwaba nezinkulumo zokuthi kunabadlali beqembu abangaziphathi ngendlela efanele, nokuyinto uZungu avumayo ukuthi iphazamisile ngesizini esanda kusongwa.
Okubuye kwanezezela ekusabalaleli kwezindaba zokungaziphathi kahle kwaboSuthu, yinkulumo eyenziwa ngobesebenzela iqembu uPhumlani Dube, owathi indaba yotshwala idla lubi eqenjini. Ufakazelwe obengumqeqeshi uBrandon Truter, owacashunwa ethi okwakushiwo uDube kuyinto ekhona.
“Uma ubheka isizini edlule bekufanele sisheshe siyifakele izibuko indaba yabadlali abangaziphathi kahle. Ngibona ukuthi asikwenzanga lokho izinto zaze zabheda kakhulu, akwangahamba ngendlela ebesihlose ngayo,” kusho uZungu, esithangamini nabezindaba ekuqaleni kwesonto.
“Sizothatha izinyathelo ezidingekayo ukuze siqinisekise ukuthi ngeke kusenzeka lokhu esikhathini esizayo. Indlela ebesikhetha ngayo abadlali kungenzeka ukuthi ibe nomthelela kulokhu. Kungenzeka ukuthi besibuye sikhethe uhlobo lwabadlali esibathandayo ngaphandle kokubheka ukuthi bazongena kanjani eqenjini lethu.
“Sifuna ukukushintsha lokho futhi silindele ukuthi umqeqeshi omusha uma esekhona, abe nesandla ekuqinisekiseni ukuthi iqembu lihlala lisendleleni efanele.
“Phambilini uma iqembu lingenzi kahle besilokhu sishintsha abaqeqeshi kodwa sesizobheka iqembu lonke. Nami ngiyavuma ukuthi kukhona engingakwenza kangcono njengomuntu othatha izinqumo zokugcina eqenjini,” kubhoboka umphathi woSuthu FC.
UZungu uqhube wathi kusemqoka ukuthi abadlali abazofika oSuthwini baqonde ukuthi abamele iqembu lebhola kuphela, njengoba lihlangene nesizwe nobukhosi bakwaZulu.
“Isiko laMaZulu FC wukuthi siyiqembu elizigqaja kakhulu. Sihlale sibatshela abadlali bethu ukuthi kufanele baziqhenye ngokugqoka leli jezi. Uma ubheka uphawu lwaMaZulu, luhlanganise izinto eziyigugu ebukhosini bakwaZulu,” uqhube kanje.
“Yingakho sihlale sibayala abadlali ukuthi baluhloniphe lolu phawu futhi bahloniphe nejezi. Abanye bayakwenza lokhu kodwa kwabanye kungena ngapha, kuphume ngale.
“Kungumsebenzi wami ukuthi ngivikele isithunzi seqembu futhi ngizokwenza lokho. Kwesinye isikhathi ngizothatha izinqumo ezingeke zamukeleke kahle ngaphandle kodwa ngizokwenza ngaphandle kokungabaza ngoba ngizobe ngizazi izizathu.
“Kuyiqiniso ukuthi sike saphoxwa ngabadlali esibathenge ngoba sibathemba kodwa behluleka ukwenza okulindelekile uma bezilolonga, ngosuku lomdlalo, nangaphandle kwenkundla.
“Umdlali oqotho waMaZulu kufanele azihloniphe ngaso sonke isikhathi, ngisho ehamba emgwaqweni noma eyothenga ezitolo. Uma ebona ukuthi uzohluleka ukukwenza lokho kungcono angalubhadi kuleli qembu.”
UZungu uphikile ukuthi kunabadlali abasuke bephuma emaqenjini amakhulu abafike bafune ukuphatha eqenjini.
“Kusho ukuthini ngempela ukuthi umdlali unegama? Ngokubona kwami ayaziwa amaqembu adle izicoco kuleli kumasizini amabili edlule, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Uma sithi abadlali abakhulu badunga izinto eqenjini kungezwakala sengathi sisho abadlali abaphuma kulamaqembu,” kuqhuba usihlalo waMazulu.
“Baningi abadlali esibathathe kulamaqembu, ngingabala neKaizer Chiefs, abafike benza umehluko omkhulu futhi baba ngabaholi. SiwuSuthu asimhluleli umdlali ngokuthi ubedlalela liphi iqembu kodwa sibheka yena uqobo. Akekho umdlali esingeke simbheke ngoba sikhathazwa wukuthi ubedlalela liphi iqembu,” kuphetha uZungu.