USANDILE Zungu, ongumengameli waMaZulu FC, uyazichitha izinkulumo zokuthi bazomchitha umqeqeshi uBrandon Truter.
AmaZulu asedlale imidlalo emine yeDStv Premiership engawini. Agcine ukucosha amaphuzu amathathu ngo-Agasti 19, ehlula iSwallows ekuhambeni.
Ngempelasonto edlule, aguqiswe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 ekuhambeni.
Ngaphambi kwalokhu, ahlulwe yiChippa United neLamontville Golden Arrows, adlala ngokulingana neKaizer Chiefs.
Le miphumela ishiye iqembu lisendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-11.
Ukudonsa kanzima koSuthu kuqubule izinkulumo noma amahemuhemu athi uTruter uzokhonjwa indlela kungekudala. Kuthiwa indawo yakhe izothathwa nguFadlu Davids ongakaze aqashwe kwelinye iqembu selokhu eshiye kwi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule. UDavids uyabonakala ehambele imidlalo ehlukene yePremiership.
"Ngamampunge indaba yokuthi sizomxosha uTruter. Sisathembele kuyena namanje. Akukho okushintshile. Lezi zinkulumo kuhloswe ngazo ukuqeda uzinzo eqenjini. Ziqhamuka njalo uma sizodlala umdlalo obalulekile. Ngesonto elizayo, sizodlala neKaizer Chiefs, yikho seziqubuka futhi. Umoya phansi kubalandeli," kusho uZungu.
Yize ekhuluma kanjena uZungu kodwa uke watshela leli phephandaba ukuthi akaneme ngendlela iqembu lakhe elidedela ngayo amagoli.
Lesi sikhulu asikufihlanga ngesikhathi kuqala isizini ukuthi sifuna indebe kule sizini nokuthi sifuna iqembu liqede kwiDStv Premiership, libalwa namane ahleli phezulu kwi-log.
Ngo-Okthoba 2, AmaZulu azovakashela iChiefs emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium, eNasrec. Owomlenze wesibili uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba 23. Nokho uma izinkulumo ngoTruter ziyiqiniso, kungenzeka ifike le midlalo esengasekho ebhentshini loSuthu.
Imenenja kaTruter, uBasia Michaels, icashunwe yi-SABC Sport ithi alikho iqiniso ngalezi zinkulumo ngalo mqeqeshi.
"Okokuqala ngiyizwa le nto. NgeSonto, umengameli ungishayele ejabule ngendlela iqembu elidlale ngayo libhekene neSundowns. Ungishayele izolo, ekhuluma ngazo lezi zinkulumo. Ngesikhathi ngikhuluma nomengameli nomqeqeshi uBrandon, ukuqinisekisile ukuthi lokhu akulona iqiniso," kusho uMichaels kwiSABC Sport.
Ngaphambi kokuqala kwesizini entsha, Usuthu luchithe abadlali abangu-15, lwaphinde lwasayinisa inqwaba yabadlali ukuze umqeqeshi akwazi ukufeza izifiso zikaZungu. Phakathi kwabasha kukhona uGabadinho Mhango osayiqale kahle isizini, u-Augustine Kwem, Dumisani Zuma, George Maluleka noRamahlwe Mphahlele.