UKUVULA eyamaqoqo yeCaf Champions League ngokubhekana neCR Belouizdad ekuhambeni yisona sivivinyo iqembu lakhe ebelisidinga ukuze lisheshe liqine ukhakhayi ngokusho komqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
EZimnyama zivule ekaGroup C ngokuthela phansi leli qembu lase-Algeria ngo 2-1 eStade du 5 Julliet, ngoLwesibili ebusuku.
Womabili amagoli ezikaMagebhula ashaywe nguMohau Nkota esiwombeni sokuqala, eleBelouizdad labekwa enethini wumdlali wakuleli, uKhanyisa Mayo, kwesesibili.
URiveiro uthe bebezimisele ukuthi bashaye elinye igoli ngesikhathi kubuywa ekhefini kodwa bahlangana neqembu lasekhaya selivutha bhe.
“Bekungeyona inhloso yethu ukuthi sihlehlele emuva futhi singaligcini ibhola ngendlela esijwayele ukwenza ngayo kodwa iBelouizdad iyona ekhuphule izinga. Ibidinga igoli ukuze ilwele okungenani iphuzu elilodwa,” kusho uRiveiro.
“Asilona iqembu elakhelwe ukuvala emuva noma ukuvikela umphumela. Sifuna ukuhlala siphethe ibhola nokuya phambili. Siyajabula ukuthi sidlale ngesigqi esijwayele ukudlala ngaso kweminye imiqhudelwano, saba nesibindi.”
IPirates idlala okokuqala esigabeni samaqoqo seChampions League selokhu yagcina ngesizini ka-2018/19. URiveiro uthe bazimisele ukuthi bancele ulwazi njengoba lo mqhudelwano uqhubeka.
Kolandelayo kulo mqhudelwano izotholana phezulu neqembu elivikela isicoco, i-Al Ahly, e-Orlando Stadium ngoDisemba 7.
“Size lapha ukuzofunda okusha kulo mqhudelwano. Besibhekene neqembu elinomlando omuhle, elinabadlali abasebancane futhi eliholwa umqeqeshi onamava. Ukudlula kule mizuzu engu-90 kusiqinise kakhulu. Kusenze saba yiqembu elingcono kakhulu. Ukuvula ngamaphuzu amathathu kuyindlela emnandi yokuqala isigaba samaqoqo. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali bami,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Kusobala ukuthi i-Al Ahly ihlezi ithwelwe ngeqoma kunoma yiliphi iqoqo. Siyaqala ukubhekana nezimbangi ezisezingeni eliphezulu sindawonye njengeqembu. Sifuna ukuqhubeka nokugxila emdlaweni ngamunye.
“Ukuthola amaphuzu amathathu lapha kusho lukhulu. Uma ngingaphosisi, i-Al Ahly neYoung Africans abaphumanga namaphuzu aphele ngesikhathi bevakashele lapha ngesizini edlule. Kufanele siziqhenye ngendlela esidlale ngayo. Size lapha neqembu eliselincane kakhulu kodwa elikwazile ukuqina cishe imizuzu engu-60 noma engu-70. Yinto esingaziqhenya ngayo leyo.
“Akekho osaziyo isibalo samaphuzu esizowathola nokuthi sizoqedaphi kuleli qoqo. Umdlalo wethu olandelayo usekhaya ne-Al Ahly. Sizozama ukuwulungiselela kahle futhi siqinisekise ukuthi i-Orlando indawo enzima kuwona wonke amaqembu azovakasha.”
Iqembu likaRiveiro lizoqale lidudulane neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngeSonto ngaphambi kokuthi liqale ukulungiselela owe-Al Ahly.