UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, uqinisekisile ukuthi bahlose ukulubika kwiFifa udaba lomgadli waseNiger, uVictorien Adebayor, lokuhluleka ukujoyina iqembu ngemuva kokusayina inkontileka.
Sekuphele izinyanga Usuthu lulinde lo mdlali obegijima kwiRS Berkane yaseMorocco ngesizini edlule kodwa kuze kube yimanje akabonwa nangokhalo kuleli.
Lo mdlali ohlasela ngasohlangothini lwesokunxele nakwelesokudla useke wadlala nasemaqenjini amaningi ezweni lakubo kanjalo naseGhana, Egypt naseDenmark.
“Simsayinisile u-Adebayor futhi samlungisela namaphepha amvumela ukuthi aze eNingizimu Afrika. Ukhombise ukungathembeki ngendlela asebenze ngayo neqembu futhi asikuthandanga neze lokho,” uZungu uchaze kanje.
“Nakanjani udaba lwakhe luzobikwa kwiFifa. Kungcono ngingenabi kakhulu kulokhu engikushoyo kodwa okusemqoka ukuthi aseneme ngalokhu okwenzekile. Udaba luzongena kwiFifa ngokushesha bese siyabona ukuthi kwenzekalani.”
Kule sizini, Usuthu luqinise isikwati salo ngokulanda abadlali abafana noWayde Jooste, Celimpilo Ngema, Victor Letsoalo, Rowan Human, Ben Motshwari noTaariq Fielies. Nokho uZungu uthe zikhona izindawo abangagculisekile ngazo abangase babheke ukuziqinisa ngewindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali.
“Siyazibheka izikhala eqenjini kanti ezinye zisobala. Sekunesikhathi eside sizama ukuthola umdlali wasesiswini ozovala isikhala sikaMakhehleni Makhaula kodwa ngikholwa wukuthi sinesixazululo manje,” kuqhuba uZungu.
“Sinomgadli othembekile uBongi Ntuli osekunesikhathi eside sithembele kuye. Akaphilile kulezi zinsuku futhi usalulama. Kungenzeka angabibikho kuze kuphele amasonto amane. Leli yiqiniso okumele sibhekene nalo njengoba sizongena ewindini lokuhwebelana ngabadlali.
“Kunezinye izinto engingeke ngizidalule ngoba uma ukhuluma ngobuthakathaka bakho uyakwazi ukuqwashisa nezitha. Sinabadlali abambalwa esibabhekile futhi akufanele kumangaze muntu uma sisayinisa abadlali ababili abasha ngoJanuwari.
“Akusona isikhathi lapho ufuna ukwenza izinguquko eziningi ngoba isizini isiphakathi. Ufuna ukushintsha okuthile, ngaphandle uma usemsileni we-log lapho kudingeka khona ukuthi ushintshe okuningi. Okunye usungakubheka ekupheleni kwesizini,” uphethe kanje uZungu.