NGEMUVA kokuthi usihlalo waMaZulu FC, uSandile Zungu, ebalise ngokubanjwa inkunzi kwezakhe ngonondweba ngesikhathi bebambana neRoyal AM, uphakamisa ukuthi bakhokhiswe imali uma beqhubeka nokwenza amaphutha ngoba kuyacaca ukuthi akuzweli kubo ukugwetshwa ngokumiswa.
AmaZulu abelane ngamaphuzu neThwihli Thwahla emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1 eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto.
UZungu uqhamuka nalo mbono nje, indaba isuswe onondweba uLuxolo Badi obesizana noSandile Dilikane noSimukele Jali bephika igoli likaHendrick Ekstein kulo mdlalo.
Igoli liqale labalwa. Kudlule isikhashana lase liphikwa. Unompempe uthe u-Ekstein ubesemhlabeni ongamfanele.
Okushiye abaningi benkemile ukuthi ngaphambi kwegoli ibhola beliqale lashaya esandleni sesitobha seRoyal AM.
Uma bekungelona igoli bekufanele okungenani uSuthu lunikwe iphenathi. Lo mdlalo ugcine uphele ngo-1-1. Umqeqeshi woSuthu, uRomain Folz, ukhalile kwabezindaba ngokwenzeke kulo mdlalo. Naye ume ekutheni igoli bekuyilona ngoba liqale lashaya esandleni kumdlali weRoyal AM. Uthe bekumele banqobe ngo-2-1.
Ngenxa yokunengeka ngesenzo sonondweba, uZungu uze wabhala enkundleni yokuxhumana (iWhatsapp Status) ekhala ngalabo nondweba.
Ekhuluma naleli phephandaba ugcizelele ukuthi uzophakamisa ukuthi onondweba bagwetshwe ngokuthi bahlawuliswe imali uma benza amaphutha.
"Sekucacile ukuthi ukumiswa kwabo akuthi diki kubo. Kumele bahlawuliswe imali ukuze kuzwele,“ kusho uZungu.
Uthe bazophinde babhalele iPremier Soccer League (PSL) neSouth African Football Association (Safa), ngoba ufuna labo nondweba bathathelwe izinyathelo.
"Kuzobe kungeyona incwadi yokuqala le. Seziziningi impela sizibhalela lezi zinhlangano. Azikaze zisiphendule. Kumele kubekhona engikwenzayo ngoba abalandeli boSuthu bakhala ngami ngokusonga izandla ekubeni izinto zonakala. Mithathu imidlalo esenzelwe kuyo phansi. Kule midlalo besilindele ukuthola amaphuzu ayisithupha. Abezosithatha asibeke endaweni enhle kwi-log. Ngenxa yezinqumo zonompempe sengihlale ngitshela abadlali bami ukuthi abawashaye abe maningi amagoli ngoba ngeke banqobe uma bezoshaya igoli elilodwa. Ngibathulela isigqoko abafana bami nethimba labaqeqeshi, benza umsebenzi oncomekayo nakuba sibhekene nale mpi,“ kuqhuba uZungu.
USuthu lusalelwe imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela lusonge isizini. Lusendaweni yesi-11 ngamaphuzu awu-25.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini ka-2022/2023, uZungu wayethe afuna ukubona iqembu lakhe liqeda endaweni elizoyibusiyela emiqhudelwani yeConfederation of African Football (Caf) noma liqede kwamane azobe ephezulu kwiDStv Premiership. Waveza nesifiso sokunqoba okungenani indebe eyodwa.
Ebuzwa uZungu ukuthi ubona esazokuzuza lokhu, uthe: "Ngizokuzuza kanjani njengoba onompempe benza kanje."
Izolo Isolezwe lithinte uMato Madlala, oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL, oveze ukuthi usekhulumile noZungu.
Uthe umcele ukuthi aphinde azithumele izincwadi ayezibhalile. U-Abdul Ebrahim obhekele onompempe kwiSafa, uthe ngeke aphawule ngomdlalo waMaZulu FC neRoyal AM ngoba umbiko womdlalo bebengakawutholi. Uthe nakuba enzeka amaphutha kodwa basanemene ngendlela onompempe abadlalisa ngayo.
"Kuyinto eyejwayelekile ukuthi abaqeqeshi nezikhulu zamaqembu bakhononde ngonompempe ngemuva komdlalo. Laba bahlulwa ukuphatha abadlali babo bese befuna ukulawula onondweba," kubeka u-Ebrahim. Mayelana nezincwadi uthe ziqala zidlule koyisikhulu esiphezulu sePSL.