UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, ukhulume sakukhalima laba ababona sengathi uyanhlanhlatha ngokukhuluma nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa ngenhloso yokubeka Usuthu lapho efisa lufike khona.
Ziningi izinguquko eziqhubekayo kuMaZulu kusukela leli qembu lisinde ngemidlalo yokugcina ekutheni lizithole lisempini yokubalekela ukugencwa izembe kwiDStv Premiership.
U-Ayanda “Cobra” Dlamini, obenikwe umsebenzi wokuhlenga leli qembu ezembeni ngenkontileka emfishane, kuthe kungaphela isizini wakhululwa.
Sekuqashwe uPablo Franco waseSpain kwesekuqeqesha leli qembu ebelidlala kwiCaf Champions League kumasizini amabili adlule.
Ngosuku uZungu abeyohlangabeza ngalo umqeqeshi, ukhulume nabezindaba sakukhalima laba abanemibuzo eminingi ngezinqumo ezithathwa iqembu.
Ubebuzwe ukuthi njengoba izikhundla okuyizona okufanele ngabe zithatha izinqumo zisakhangisiwe, ubani osayinisa abadlali nokhipha izwi lokuthi kuchithwa baphi?
“Umqeqeshi waMaZulu uqokwe yisigungu ebesinami ngihamba nezikhulu zeqembu sase sicela uBongani (Khumalo), ukuba asisize ekucubunguleni okunguyena umqeqeshi ofanele kulaba abebefake izicelo,” kusho uZungu.
“Ukuqokwa kukaCijimpi (umqeqeshi woSuthu), akubanga yisinqumo somuntu oyedwa.”
Uthembise ukuthi izithelo zakho konke okwenzekayo zizohlala obala kungekudala ngakho-ke asikho isidingo sokuzixaka ngokuthi ubani othatha izinqumo.
“Lokhu kukhuculula esikwenzayo kuSuthu kuzokuba nomthelela omuhle ekwengamelweni kweqembu kusuka manje kuya phambili.
“Asikho isidingo sokumangazwa ukuthi izinqumo zithathwa ubani ngoba ibhodi loSuthu likhona limile futhi ligqishe ngabantu abanohlonze abaqhamuka kubaxhasi bethu ngokwahlukana kwabo.”
Esezosonga uZungu, uphinde wakubalula ukuthi kungani kubukeka sengathi ukhuluma nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa.
“Baningi abadlali bakudala abaluthandayo Usuthu futhi abahlale bekulungele ukuvolontiya ngezeluleko ezakhayo lapha nalapha.”