ANGASE azithole ephenduka umantuntanendishi unozinti weMamelodi Sundowns, obebolekiswe kuMaZulu FC, uJody February iqembu laseThekwini eseliqinisekise ukuthi limbuyisela emuva kompetha beligi.
Eyokubuyiselwa eChloorkop kukaFebruary iqinisekiswe ngumengameli waMaZulu, uSandile Zungu, okhale kakhulu ngezinga eliphansi elikhonjiswe yilo nozinti, obebanga ijezi noVeli Mothwa no-Olwethu Mzimela.
“UJody February ubuyela kwiSundowns. Besibomlekile, sinalo ithuba lokumgcina. Ukube besazi ukuthi kuzoba nje ngabe leli thuba silinikeze uMzimela. Ungunozinti ka-Under 23, umfana wethu, sifuna akhuphuke. Kunemidlalo embalwa ayidlalile akhombise kuyona ukuthi unekusasa eliqhakazile. U-(Jean Noel) Amonome, siyambuyisa. UVeli Mothwa uyahlala neqembu. Ngikhulumile naye, usanenkontileka. Kumele ayilwele indawo yakhe njengoba ezobe ebanga ijezi,” kusho uZungu.
UFebruary uyingxenye yabadlali abangu-11 uZungu aqinisekise ukuthi bayabachitha.
Abanye nguLehlohonolo Majoro, Abbubaker Mobara noThabo Qalinge.
“Impela uQalinge uyahamba, sibongile ngomsebenzi awenzele iqembu. Sizomgcina u-Ekstein (uHendrik) ngoba ukhombisile kuleli thuba alitholile ukuthi uzimisele ukusebenzela iqembu,” kusho uZungu.
Omunye umdlali omataniswa nendlela ephumayo kuMaZulu, yisethenjwa sasemuva ohlangothini, uRiaan Hanamub nokho yena imibiko ithi kunamaqembu amfunayo njenge-Orlando Pirates.
"UHanamub akubuzwa ukuthi ungumdlali wasemuva kwesokunxele ohamba phambili kwiDStv Premiership. Uyibutho, Inkentshane langempela. Ayikho into ongamsola ngayo,” kusho uZungu.
“Kusamele athuthuke, sifuna akhule, aqeqeshwe ukuze abe ngumdlali ongcono kunalokhu esisakubonile. Akayi ndawo.
"Akekho oke wangithinta mayelana noHanamub ngakho angazi ukuthi la mahemuhemu aqhamukaphi. Ngijwayele ukukhuluma nezikhulu zePirates kodwa kuyaxaka ukubona lo mdlali esemataniswa nayo.
"Abakaze basho lutho ngaye. Ngicabanga ukuthi bayiqembu elenza izinto ngendlela eqondile futhi engisebenzisane nalo kahle phambilini. Ngiyazi ngeke behambe bekhuluma ngabadlali bethu bazame ukucekela phansi iqembu lethu.
"Iqiniso wukuthi uRiaan Hanamub usasalelwe yinkontileka yamasizini amabili naMaZulu futhi kuyinhloso yethu enkulu ukumgcina. Uyilungu elimqoka leqembu. Akayi ndawo."
AmaZulu anakho ukudayisela neZimnyama abadlali njengoba kwenzekile kuMakhehleni Makhaula noTapelo Xoki ophambane noGabadinho Mhango.
UZungu uthe nakuba beyiqembu elingafuni ukuhlale liphikisana nezifiso zabadlali, kubalulekile ukuthi amanye amaqembu angacabangi ukuthi azozitapela kalula esikwatini sabo.
“Asiyilo iqembu eliyohlale lizama ukuma endleleni yomdlali kodwa sesizoqina kakhulu kulabo abahlose ukuzitapela. Sizokwazi ukuthi ‘lo akadayisi’, usengumdlali waMaZulu futhi akayi ndawo. Ngikholwa wukuthi uHanamub ungomunye walabo. Simfuna kuMaZulu,” kusho uZungu.