UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, ubhoboke ngokubajike umqondo ngesihlabani sakudala seKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uRamahlwe “Rama” Mphahlele.
Lo mdlali bekunamahlebezi okuthi ungomunye wabangu-11 abazochithwa wuSuthu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
UZungu utshele abezindaba ngeledlule ukuthi uMphahlele uzonikwa inkontileka entsha yesizini eyodwa ngoba bachazekile ngobuholi bakhe.
“UMphahlele ukhona eqenjini yize bekwaziwa ukuthi inkontileka yakhe iyaphela njengoba kuphela uJuni kodwa siqome ukuyelula,” kusho uZungu kwabezindaba.
“Uwumdlali esilindele okukhulu kuyena ngaphakathi nangaphandle enkundleni. Unobuholi obunzulu okuyinto edingekayo futhi okuyiyona esihehile ukuthi inkontileka yakhe siyilule ngenye isizini eyodwa.
“Iqembu lizozuza kakhulu ngomdlali onjengeye ngoba njengoba sibumbela ikusasa nje, kusemqoka ukuthi abaholi bamanje baqinisekise ukuthi abakusasa bawulungle umsebenzi.”
Lo mengameli ukhuluma kanjena nje, uMphahlele ungomunye wabadlali amagama abo ake avela njengamazambane abolile ngesikhathi iqembu lisaholwa, uRomain Folz, osekungumlando ukuthi akaseyona ingxenye yoSuthu.
Ngaleso sikhathi, kuvele ukuthi uFolz ufuna ukudedela uMphahlele benoKeagn Buchanan, abebasola ngokungamhloniphi.
Emuva kokususwa kukaFolz ebhentshini ngenxa yokugqoza kwemiphula ngesikhathi kuqhubeka isizini edlule kwabekwa u-Ayanda Dlamini, lo mdlali oseke wadlalela neMoroka Swallows ubuyiselwe esikimini.
UDlamini uchaze uMphahlele njengomunye wabaholi abamqoka kuMaZulu ngesikhathi ezeseka ngokuthi umbuyiseleni.
Kusobala-ke nokho ukuthi nabaphathi boSuthu babone njengoDlamini njengoba uZungu eseqinisekisa ukuthi (lo mdlali) ngeke abe ingxenye yabadlali abangaphezulu kuka-10 abazophelelwa indawo kuleli qembu laseThekwini.
UZungu ukusho lokhu ngesikhathi ezokwamukela umqeqeshi wakhe omusha uPablo Franco Martin, waseSpain ngeledlule eKing Shaka International Airport.
Umqeqeshi obezohlangatshezwa, uthembise ibhola elihehayo kwazise ungowaseSpain.
“Ngazi indlela eyodwa yokudlalisa ibhola kodwa kuya ngokuthi isitha sihlele kanjani. Ngaphandle kwalokho, ngithembisa ingcwenga yebhola okusemqoka nokho ukuthi kufanele liambe nemiphumela encomekayo,” kusho uPablo Franco.
“Indlela engamukelwe ngayo iyakhombisa ukuthi ngamukelekile ngakho-ke sihlalele ethembeni ukuthi konke kuzohamba kahle.”